EzakamuvaEzokusubatha

Ngabe iKZN izophinde idlale iNorth West kwiComrades?

By Alfred Ngubane

IKwaZulu Natal  isenkingeni enkulu kwiComrades Marathon  njengoba  iNorth West  iza nabasubathi  abahlangene abajima ndawonye. 

Kukhona  iNedbank Running Club  eholwa nguDave Adams  ongumqeqeshi wayo enabasubathi abasatshwayo  kwiComrades. 

Kubo kukhona u-Edward “Slender” Mothibi owaba ngumphetha weComrades Marathon ka-2019, walala isibili kweka-2022. 

Kukhona noTete Dijana ozovikela isicoco njengoba kunguye oyinqobe ngonyaka odlule, besekube nguJonas Makhele oqede endaweni yesibili ngo-2021 kwiNedbank Runified  50 km. 

NoJoseph Manyedi owangena endaweni yesihlanu kwiComrades yanyakenye, uLudwick Mamabolo  owayinqoba ng-2012, uClaude Moshiywa owayinqoba ngo-2013 nabo bakuleli qoqo. 

Singabashiya kanjani nje ngaphandle oDaniel Khonkhobe, Daniel Moselakwe nentokazi ephume endaweni yesithupha ngonyaka odlule  uGalaletsang Mekgoe.

Ngasohlangothini lweHot Running Club eqeqeshwa nguJohn Hamlet khona  kuboshelwe uGift Kelehe owayinqoba ngo-2015. 

Kwi-Intsika  AC  khona kukhona  uNtsindiso Mphakathi  ongumphetha wePrince  Mangosuthu Marathon amahlanhla amabili kulandelana, Msawenkosi Mthalane noGaolathe Lesedi. 

I-Impala AC yona izohlokoloza ngoDavid Gatebe ongumphetha weComrades ka-2016. 

IKZN yona ithembele kubasubathi ababili kuphela okungoBongumusa Mthembu we-Arthur Ford  nosebe ngumpetha amahlanhla amathathu,   noNkosikhona Mhlwakwana weHollywoodbets Running Club. UMhlakwana ungumphetha wePrince Mangosuthu Marathon  kanti kwiTwo Oceans Marathon waphuma isibili ngonyaka odlule. 

FUNDA NALA: Kuzoncishiswa abagadli kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo

Ngale kwalokho  kuzoba nzima ngoba abasubathi abanohlonzo  abaphuma  eNorth West  bathi bazogada uBongumusa Mthembu noNkosikhona Mhlwakwana. 

Abekho abanye abasubathi  abayingozi  okwamanje eKZN, kuthiwa basho njalo.