EzakamuvaIbhola

UKaizer Motaung ukhumbula bethula ‘unodoli’ esikhundleni sikaMathoho

By Sbongs Gumbi

Usihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung uthi u-Erick Mathoho uyohlale engomunye wabadlali abakhumbulayo ngokuzimisela nokuziphatha kwahle kwakhe. 

UMathoho uyashiya kwiKaizer Chiefs abesehlale kuyo iminyaka engu-11 uma kuphela uJuni njengoba kuphela inkontileka yakhe. 

Kodwa ke iqembu selivele limenzele itiyala lokumvalelisa lo mdlali wasemuva okungakacaci ukuthi uzophelelaphi. 

UKaizer Motaung uthi uMathoho ngomunye wabadlali abengakaze ezwe kukhalwa ngabo ukuthi kukhona okungekuhle asebekwenzile. 

“Empeleni nje ngiphelelwa amagama. Angazi ngingayichaza ngiyithini le ndoda ngoba ayinalo necashaza elibi egameni layo,” kusho uKaizer Motaung. 

“Ubehlezi ezithulele. Futhi angicabangi ukuthi kukhona kozakwabo ongaba nento embi angayisho ngaye. 

“Nginesiqiniseko sokuthi ozakwabo bayamhlonipha ngakwenzele iqembu,” kwengeza yena kwi-website yeqembu. 

UKaizer Motaung ube esebonga uMathoho ngomsebenzi awenzele leli qembu lakhe, ethi ushiye isibonelo esihle sokuziphatha. 

“Kumele ngikuveze ukuthi ngiyaziqhenya. Ubeyisibonelo esihle ngendlela abeziphethe ngayo nendlela ayiyo. 

“Wazivala izisele esasinazo ngesikhathi efika. Ulisebenzele kahle iqembu. Wehlukile kubadlali besimanje. 

“Ukuthi ahlale iminyaka eyishumi eqenjini elilodwa empeleni kuveza ukuzinikela kwakhe. 

“Kukhombisa nothando analo ngeqembu ngoba abengavela amathuba, mhalwumbe aye phesheya kodwa wakhetha ukuhlala la.”

UKaizer Motaung ube esekhumbula nangesikhathi bemsayina uMathoho kodwa bengakwazi ukumethula.

Kwathi ngesikhathi bethula abadlali abasha,  afaka unodoli esikundleni sikaMathoho. UMathoho ufike kwiChiefs esuka kwiBloefontein Celtic ngJulayi ka-2012. 

FUNDA NALA: UMandla Ncikazi uncoma ‘oplamba’ bePirates, uthi bayawazi umsebenzi

“Saba nesineke. Asizange simmemezele ngosuku esasethula ngalo abanye abadlali abasha. “Lokho kwakungenxa yokuthi kwakusekhona okumele sikuqedelele futhi singafuni kube khona okubhimbayo ngoba kukhona esikweqile. 

Ngesikhathi sethula abanye abadlali abasha, wayengekho. Safaka unodoli esikhundleni sakhe. Lokho ke yinto esesiyohlezi siyikhumbula ngoTower,” kuchaza uKaizer Motaung.