EzakamuvaIbhola

AmaZulu asethole isicelo somsebenzi kumqeqeshi waseHolland

By Njabulo Shezi

Kufanele ukuthi AmaZulu FC azobe eshaya ngomqeqeshi omusha ngesizini ezayo kanti kuvela ukuthi sekukhona owaseHolland anunuselwa ngaye. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-49 kuthiwa usezingeni eliphezulu futhi ugabe nangeziqu eziphezulu zokuqeqesha njengoba ene-Uefa Pro License. 

Igama lalo mqeqeshi ngu-Alfons Groenendijk kanti ngokubika kwabeSABC Sport imenenja yakhe isivele iyifakile iCV yakhe Osuthwini.

Kuthiwa njengamanje usebenza njengephini lomqeqeshi uNuri Sahin kwi-Antalyaspor edlala esigabeni esiphezulu eTurkey. 

Kulo mbiko kuvela ukuthi yinyanga yakhe yokugcina le kwinkontileka anayo naleli qembu kanti usefuna ukuzimela naye. 

UGroenendijk lona bafuna ukumlethela AmaZulu nje useke waqeqesha ngakubo eHolland, eRomania nase-Abu Dhabi engumqeqeshi. 

Uqale ukuqeqesha ezinkulisa ze-Ajax Amsterdam ezidume ngokungagcini nje ngokukhipha abadlali abahle kodwa nabaqeqeshi abakhaliphile. 

Nokho kuthiwa AmaZulu awakasho lutho ngokuthi ayamfuna yini ukuze kuqalwe izingxoxo. 

AmaZulu afuna umqeqeshi nje kungenxa yokuthi amisa uRomain Folz odabuka eFrance ngoba ephikwa yimiphumela. 

Kuphele isizini sekubambe u-Ayanda Dlamini. Ubenikwe ithuba ukuze azibonakalise ukuthi angawubamba lo msebenzi ngokugcwele. 

Nokho ngokwendlela iqembu ebelidlala ngayo nokuthi ligcine lisinda ngokulambisa ezembeni, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi abaphathi bayamgcina yini. 

Umengameli weqembu uSandile Zungu wakusho ukuthi ukuthungatha umqeqeshi yinto abazoyiqala uma sekuphele isizini. 

Wathi lokhu kungenxa yokuthi kumele benze ubulungiswa ngoDlamini ngokumnika ithuba eliphelele bengacuthise ngamuntu. 

FUNDA NALA: UKaizer Motaung ukhumbula bethula ‘unodoli’ esikhundleni sikaMathoho

Kuke kwavela ukuthi AmaZulu acuthele uManqoba Mngqithi ukuthi uma eshiya kwiMamelodi Sundowns athathe yena. 

Kodwa njengoba sekuvele ukuthi inkontileka yalo mqeqeshi ayipheli manje, iyoze iphele ekupheleni kwesizini ezayo, cishe sekumele afune engxenye.