UMandla Ncikazi uncoma ‘oplamba’ bePirates, uthi bayawazi umsebenzi
By Sbongs Gumbi
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates uMandla Ncikazi uthi kuningi akufundayo kuJose Riveiro nephini lakhe uSergio Elmenara.
Lo mqeqeshi ukuvumile ukuthi kuqale kwanzima njengoba bebengazani nje, kodwa manje basebenza kahle kakhulu nokufakazelwa yimiphumela.
IPirates iphume nezicoco ezimbili – eseMTN8 neseNedbank Cup – kule sizini esongwayo.
“Angisho lokhu ngoba sesiphumelele. Kodwa indlela yokusebenza yalezi zinsizwa zaseSpain inawo umthelela omuhle kubadlali,” kuncoma uMandla Ncikazi.
Ubekhuluma naboKhozi FM ngoMsombuluko ntambama njengoba iPirates beyihambele imisakazo ehlukene ibungaza isizini nendebe yeNedbank Cup.
“Uma uqhathanisa nendlela thina bantu abamnyama, noma ke thina baseMzansi esisebenza ngayo, kukhona okungafani.
“Mhlawumbe kukhona okuhle okuvela kubadlali ukuthi mhlawumbe uma sibuka ibhola lonkana nendlela abafana okumele basizwe ngayo, kuyafuneka sifunde.
FUNDA NALA: UMakaab udedela ibhomu emaqenjini ahalela uManqoba Mngqithi
“Uma unqaba ke ukufunda awukhuli. Kodwa ke uma unawo amehlo uyabona uma kumele ufunde. Kuningi okuhle abakwenzayo.
“Nabo bayakhula kokunye ngoba abadlali bakuleli banendlela yabo okumele ubabuke futhi ubaphathe ngayo,” kuchaza lo mqeqeshi.
UMandla Ncikazi uncome kakhulu ukungaziphakamisi kukaRiveiro no-Elmenara, wathi yikho okubenza bahluke kwabakuleli.
Ngesikhathi befika, kwakhalwa kakhulu kuthiwa iPirates ishaye ecelenibaze babizwa ngoplamba ngoba bengenawo umlando wokusebenza emaqenjini amakhulu.
“Kodwa ke kusebenzeke kahle. Leziya zinsizwa zinayo into ehlukile engafani nokunye okwenzeka eMzansi.
“Akungoba ngikhuluma kabi ngozakwethu (bakuleli). Nami ngingomunye wabo, kodwa ngiyafunda futhi ngiba ngcono.
“Ziyasebenza leziya zinsizwa. Kuyasetshenzwa layikhaya futhi uma ungakuthandi ukusebenza ungezi la.”
Ukuvumile nokuthi wayenakho ukwesaba ngemuva kokuthi ehliselwe esikhundleni sokuba yiphinikade eseke waba ngumqeqeshi.
Ngesizini edlule nguye obeqeqesha iPirates ngokubambisana noFadlu Davids. Bathatha lo msebenzi ngemuva kushiya kukaJosef Zinnbauer.
“Iqiniso elimsulwa nje, uyaba nokudideka ngoba awubazi laba bantu, awazi baphetheni futhi awazi bangabantu abanjani.
“Futhi kujwayele ukuthi uma kuhlangana izizwe ezihlukene njengoba zinjena nje… Uma kufika abaqhamuka e-Europe kuyabakhona ukungasebenzisani kahle ngenxa yokuhluka kwamasiko nendlela esibukana ngayo.
UMandla Ncikazi uchaza ngobudlelwano noRiveiro
“Kodwa ke ngenhlanhla nje, ngeke ngiqambe amanga, la madoda angabantu abawuhloniphayo umsebenzi futhi bayawazi.
“Kodwa ke ubudlelwano obusha buyadinga ukuthi nazane. Akuvelanga nje kwawumshado omuhle zisuka. Kwakunezinkomba zokuthi asikaze sisebenze ndawonye.
“Bekubalulekile ke nami ukuthi abantu uma befika ngingabajaji. Kumele ukwazi ukwamukela futhi ke ukukhula okukhulu kusekutheni ukwazi ukulalela noma wena ungaphathekile kahle.
“Kumele ubone ngale kwalokhu okuphambi kwako, ubheke ukuthi izinhloso zeqembu yini. Izinhloso zokwenza lokhu yingoba yilokhu abakufunayo.
“Uma uzikhipha wena ume ngaphandle, uyakwazi ukubona ukuthi cha, iqembu linezinhloso ezinkulu.
FUNDA NALA: Ufuna iqembu elizomqasha umqeqeshi ‘obulawa yibhola’
“Uma zingenzeki bazolwenza uguquko. Lento ayikho ngami, ayikho ngomunye umuntu ingeqembu nabalandeli bonke laba abagcwele i-Afrika nabase-England.
“Mina ngangingazi ukuthi u-Ian Wright (inkakha yase-England) umlandeli wePirates. Usuyabona ke ukuthi leli qembu likhulu kanjani.
“Yingakho ke kumele uzikhiphe wena, ubone ukuthi izinhloso zeqembu yiziphi. Kodwa ke umshado uyahlangana. Imiphumela iyabonakala.
“Kodwa ke kusazosetshenzwa, akukasetshenzwa,” kuchaza uMandla Ncikazi.