EzakamuvaIbhola

Usihlalo weSwallows uchaza ngakubheke kuMusa Nyatama

By Njabulo Shezi

Ulula umsebenzi ohlalele uMusa Nyatama njengoba ezoqhubeka nokuqeqesha iSwallows nangesizini ezayo. 

Isizini edlule iphele sekubuyele yena umfokaNyatama ekuqeqesheni. Yayivele ke isizini iqalwe nguye kodwa ebambile. 

Nokho leli qembu labuye lalanda u-Ernst Middendorp ngoba lithi unamava kepha wafike waxova waqeda qede walishiya obishini. 

Lo mqeqeshi odabuka eGermany ushiye iSwallows ilengele eweni, waphindela kwelakubo la afike walikhomba ehlathini iqembu abeyekulo.

UNyatama uwenze kahle ke umsebenzi, wayifaka kwiTop 8 iSwallows futhi nguye oqokwe njengomqeqeshi obevelele ngoMeyi.

ISwallows seyikuqinisekisile ke ukuthi nguye uMusa Nyatama ozobe esebhentshini ngokugcwele ngesizini ezayo. 

Usihlalo weqembu, uDavid Mogashoa uthi ngeke bamfakele ingcindezi engenasidingo ngokuthi bafune azuze izinto eziningi. 

“Ngenhlanhla nje asimfakeli ingcindezi umqeqeshi. Njengamanje siphuma eminyakeni emithathu ebimibi,” kusho lo mqeqeshi kwabePrime Sports.

“Manje sekumele sakhe kabusha. Yilokho esikwenzayo. (UMusa Nyatama) Uzobe eyingxenye yalokho kwakha kabusha esikuhlosile. 

“Sifuna kube nguye owenza lowo msebenzi, aqinisekise ukuthi sineqembu elihlelekile,” kuchaza uMogashoa. 

FUNDA NALA: Dzvukamanja: Imenenja ibonga uRiveiro, icacisa ngekusasa lakhe

“Akanayo ingcendezi. Akanayo eyokuthi kumele aqinisekise ukuthi iqembu liyazinza kule ligi.

“Nokuthi kumele enze kangcono kunesizini edlule. Kule ephelile uqede kwiTop 8, manje kumele aqede lapho noma enze kangcono, engehli kulokho.”