Afuna umqeqeshi AmaZulu, uDlamini uwudedele ususesandleni
By Alfred Ngubane
AmaZulu FC asewuqalile umkhankaso wokufuna umqeqeshi omusha njengoba umengameli weqembu uSandile Zungu esekuvezile ukuthi akakholwa wukuthi u-Ayanda Dlamini usewulungele lo msebenzi.
UDlamini nguye obengumqeqeshi obambile kuMaZulu ngasekupheleni kwesizini kanti izinto azihambanga ngendlela abengafisa ngayo.
USandile Zungu wayekushilo ukuthi yithuba lokuthi uDlamini, oyinkakha yeqembu, azibonakalise njengoba ebebanjisiwe nje.
Nokho usekuvezile ke ukuthi akanelisekanga ngendlela izinto ezihambe ngayo njengoba sebefuna omunye umqeqeshi nje.
“Ngingumuntu obheka kakhulu imiphumela. Kumaphuzu angu-18 abesele kule midlalo eyisithupha ebambile, uthole amahlanu.
“Uwine umdlalo owodwa, wadlala ngokulingana kwemibili, wahlulwa kwemithathu,” ucashunwe esho kanje uZungu ngabeTimesLive.
“Lokho ke akuyona into engingaziqhenya ngayo. Naye angikholwa ukuthi uzishaya isifuba ngakho.”
UDlamini wayengene ezobamba ngemuva kokumiswa kukaRomain “Fohloza” Folz sekusele imidlalo eyisithupha kuphele isizini.
AmaZulu aqale isizini ngoBrendan Truter kodwa yamxosha yabe seyilanda yena uFolz lo naye ogcine esekhonjwe indlela.
Nokho kuke kwavela ke ukuthi ubecindezelwa abadlali asebekhulile eqenjini okuthiwa bebemeya bengafuni ukumlalela.
AmaZulu afuna umqeqeshi nje uZungu ushwebe kuManqoba Mngqithi osekuvele ukuthi usasalelwe wunyaka kwiMamelodi Sundowns.
Bekunezinkulumo zokuthi inkontileka yakhe iphela ngoJuni, kodwa imenenja yakhe uMike Makaab usekuvezile ukuthi usasele omunye unyaka ngaphezulu.
Akubonakali ke kodwa AmaZulu ezophuza ukumthola umqeqeshi njengoba kuthiwa izicelo zomsebenzi zingena zilakanyana.
FUDNA NALA: AmaZulu asethole isicelo somsebenzi kumqeqeshi waseHolland
Kukhona nowaseHolland okuthiwa naye unesifiso sokuzosebenza kuleli qembu laseThekwini elifuna ukubuyela ekubeni ngelinye lamakhulu kuleli.
Ziningi ke nezinye izinguquko ezilindeleke kuMaZulu. UZungu ubebize umhlangano nabezindaba ngoLwesihlanu kodwa wabuye wahlehliswa.
Bekulindeleke ukuthi acacise ngekusasa labadlali abathile eqenjini njengoba emaningi amahlebezi okuthi kuzodedelwa inqwaba.