Ezakamuva

Ochithwe yiSekhukhune umataniswa neChiefs

SIHLE NGUBO

Kukholakala ukuthi sekusemome iKaizer Chiefs isayinise obengunozinti weSekhukhune United, uRenaldo Learner.

Lo nozinti uhlukane neBabina Noko ngeledlule, nokuyisimemezelo esishaqise abalandeli bebhola abaningi eNingizimu Afrika.

ULearner, okuvamile ukuthi abizwe kwiBafana Bafana, ubengunozinti wokuqina kwiSekhukhune ngesizini edlule, nokuyikona okumangaze abathandi bebhola ukuthi kungani bengayivuselelanga inkontileka yakhe.

Ngokubika kweSABC, iChiefs kusele kancane iqede konke noLearner, okungasho ukuthi kukhona unozinti okumele adede indawo eNaturena.

UBruce Bvuma usanda kuvuselela inkontileka yakhe ngonyaka owodwa neChiefs, okuchaza ukuthi uphephile.

Unozinti osengozini yokukhonjwa indlela uFiacre Ntwari, ongadlalanga imidlalo eminingi ngesizini edlule, kulandela ukuhlinzwa ehlombe.

“Umsakazeli womphakathi sewuthole ukuthi iChiefs seyibeke okuconsisa amathe etafuleni ngalo nozinti weBafana Bafana,” kusho iSABC Sport.

“Kusele izivumelwano zokugcina okubalwa kuzona okuthinta yena ngqo umdlali, nokuthi ahlolwe ukuthi ungumqemane ngakho konke yini.

“Lokhu kukhomba ukuthi iChiefs iyona engase idle umhlanganiso kulo mjaho kaLearner, okuvela ukuthi ubegaqelwe yi-Orlando Pirates naMaZulu, kulandela ukuqinisekisa kweSekhukhune ukuthi uyalishiya iqembu.”

IChiefs isamemezele umdlali wasemuva uThabo Moloisane, obekwiStellenbosch FC, kuphela njengomdlali wayo omusha.

Iphinde yamemezela ukushiya kukaHappy Mashiane, uGeorge Matlou noTashreeq Morris, okhonjwa kwiDurban City.

Abanye abadlali okungacaci ukuthi bazohlala yini kuMakhosi, u-Ashley du Preez noGaston Sirino, abangabanga nesizini enhle edlule.