EzakamuvaIBetway Premiership

UCardoso uthi akanaso isikhathi sokubuka umdlalo weChiefs nePirates

SIHLE NGUBO 

Umdlalo womkhaya, ophakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uhlale wenza iNingizimu Afrika ihlukane phakathi, kungakhathalekile ukuthi la maqembu aseSoweto asuke edlala kanjani ngaleso sikhathi.

Kuba nzima kakhulu ukuqagula ukuthi yiliphi iqembu elisuke lizonqoba, ngoba okudlalelwayo kusuke kungaphezulu kwamaphuzu (uma okungumdlalo weligi) nangaphezulu kwendebe (uma kudlalwa owomkhumulajezi).

Kukhona ukuklolodelana kubalandeli ukuthi kukhala isicathulo sikabani eSoweto. Abadlali nabo basuke befuna ukuba yingxenye yeqembu elinqobile, okuyinto enkulu emlandweni walo mdlalo.

Konke lokhu kwenza ukuthi umdlalo waMakhosi neZimnyama ube ngomunye wemikhulu kunayo yonke ezwenikazi i-Afrika.

Nokho umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthi yena akanaso isikhathi sokubuka lo mdlalo, ngoba uzobe ematasa kakhulu.

Umdlalo useFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama, kanti amathikithi awo kade adayiswa aphela.

“Angifuni ukulahlekelwa isikhathi…kodwa esikhathini esiwusuku ngaphambi komdlalo ngizobe nginezinto eziningi kakhulu engizenzayo, ngakho ngeke ngiwubuke umdlalo (womkhaya),” kusho uCardoso.

“Sisazodlala neChiefs kodwa lowo mdlalo usekude kakhulu. Uma sekufike isikhathi sawo sizocibungula wona.

“Angazi ngempela. Umbuzo omuhle (ukuthi uzowubuka yini owomkhaya) kodwa into esemqoka ukuthi ngeSonto sifike silungile emdlalweni wethu neSekhukhune (United).

Ompetha beligi bazokwamukela iBabina Noko eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Ukunqoba kwePirates kuzoyibuyisela esicongweni selogi yePremiership, lapho kuhleli khona iSundowns okwamanje.

IPirates igcine ishaywe yiSundowns ngo 2-1 ngeledlule, kanti la maqembu ayalingana ngamaphuzu ngaphambi kwemidlalo yangempelasonto.

IChiefs izozama ukubuyisa isithunzi kulandela ukushaywa yiStellenbosch FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesibili.

Leli qembu laseNaturena lisele ngamaphuzu ayishiyagalombili kwiSundowns nePirates, abasendaweni yokuqala neyesibili.