UModiba uthi uTerrence Mashego akazelanga ukwandisa isibalo kwiDowns
By Njabulo Shezi
UTerrence Mashego ufike kwiMamelodi Sundowns kade ebonakala eza kahle kwiCape Town City futhi esedlala nakwiBafana Bafana.
Ufike kwiSundowns ekuqaleni kwesizini esongwayo manje kodwa waba neshwa lokulimala okumhlalise ngaphandle waze wacishe walibaleka.
Uze wabuya sekuzophela isizini kodwa nakhona bese kungelula ukuthola indawo njengoba imidlalo beyiqalwa ngu-Aubrey Modiba obenza kahle.
UModiba uyamthethelela lo mdlali oyinxele njengoba bese kukhona abathi wenza iphutha ngokuya kwiSundowns enabadlali abaningi.
Ngesizini ezayo uTerrence Mashego uzoyibanga noModiba, uLayle Lakay noSifiso Ngobeni le ndawo yasemuva kwesokunxele.
ULakay ubebolekiswe kwiCity kule sizini la efike waba ngomunye wabadlali umqeqeshi u-Eric Tinkler abethembele kakhulu kubo.
“Nginesiqiniseko sokuthi sonke siyazi ukuthi umdlali osayinwa yiSundowns usuke esezingeni eliphezulu kakhulu,” usho kanje uModiba.
“Abasayinelwanga ukuzokwandisa isibalo sabadlali. Ngicabanga ukuthi (uTerrence Mashego) ungumdlali omuhle kakhulu.
“Ubedlala kahle kwiCape Town City waze wangena naseqenjini lesizwe. La kwiSundowns siyagqugquzelana.
“Kuyenzeka indawo eyodwa niyibange nibe babibili noma bathathu. Uma kudalla yena, ngiyameseka, naye ngokunjalo.
“NoSifiso Ngobeni siyameseka uma kudlala yena – futhi wenze kahle kakhulu kule midlalo adlale kuyo.
“Muhle kakhulu umbango wezindawo eqenjini futhi sisebenzisana kahle okuyikho okusisize siwine imidlalo eminingi.”
Kungenzeka ke nokho oyedwa kulaba badlali basemuva kwesokunxele kwiSundowns adedelwe noma abolekiswe.
FUNDA NALA: IKazier Chiefs seyimtholile oweCape Town City ebimhalela
Kubukeka kuzophinde kube nguye uLakay ohambayo yize abalandeli bengakwenameli lokho ngoba unekhono elihle ikakhulukazi emabholeni abekwe phansi.
ISundowns seyivele idedele abadlali ababili okungoHashim Domingo noGift Mothupa njengoba kuhlewa kabusha iqembu.