IKazier Chiefs seyimtholile oweCape Town City ebimhalela
By Njabulo Shezi
Uzobe esegijima kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo umdlali obedlala kwiCape Town City njengoba kuvela ukuthi usedayiselwe leli qembu laseNaturena.
Kuke kwaba nesixakaxaka kwangathi ngeke isamthola iKaizer Chiefs lo mdlali kulandela ukuthi iCity yelule inkontileka yakhe.
Kodwa manje sekuvela ukuthi imtholile njengoba sekuvunyelwene ngemali okuzothengiselwana ngayo.
Ngokubika kwabe-iDiskiTimes, iKaizer Chiefs izokhokha uR3.5-million ukuze ithole uMduduzi Mdantsane odlala esiswini.
Okuhle ngalo mdlali wukuthi uyakwazi ukumaka kanti uyingozi kakhulu uma kuhlaselwa njengoba negoli elazi lishaywa kanjani.
Uma Amakhosi egcina emtholile, kuyobe ahlabene ngoba uzowenza umehluke esiswini njengoba ekwazi nokugcina ibhola, ehlise isivinini somdlalo.
UMdantsane ungomunye ke wabadlali okuvela ukuthi bahalelwa yiChiefs kodwa osekuyocaca ekuqaleni kwenyanga ezayo ukuthi iyabathola yini.
Abanye okuvela ukuthi Amakhosi abafuna uthuli ngababili beStellenbosch FC oSibongiseni Mthethwa noJunior Mendieta.
Nokho kuMendieta seyingase ishwebe iKaizer Chiefs njengoba sekungene neMamelodi Sundowns embangweni wokumsayina.
Ne-Orlando Pirates seyivele ike yakuveza ukuthi iyafisa ukumthola lo mdlali osezingeni elihle.
IChiefs iphinde imataniswe nomgadli obedlala kwiMarumo Gallants uRanga Chivaviro osekuvele kunombango omubi ngaye.
Kuvela ukuthi lo mdlali usevele usayine inkontileka yesivumelwano neRichards Bay ukuthi uzoya kuyo ekupheleni kwale nyanga.
Kubuye kwavela ukuthi iGallants nayo iyelulile inontileka yakhe, isebenzisa umbandela obukwinkontileka abebenayo.
Kuthiwa iKaizer Chiefs seyigijime yayozama ukumlanda kwiRichards Bay. Akucaci ke ukuthi lo mgadli uzophelelaphi ngoba naseTanzania uyafuneka.
FUNDA NALA: UNjabulo Ngcobo ufuna ukuhlala alwele indawo yakhe kwiChiefs
Amakhosi abemataniswa nanonozinti weTS Galaxy uMelusi Buthelezi osevele uvalelisile kuleli qembu laseMpumalanga.
Nokho kubuye kwavela ukuthi usesayine kwiPirates yize ke kungakabi bikho olusemthethweni oluveziwe.