EzakamuvaIbhola lombhoxo

Isethubeni elihle lokudla isicoco seCurrie Cup iCell C Sharks 

By Sihle Ngubo

ICell C Sharks isethubeni elihle lokuqukula iCurrie Cup ka-2023 njengoba ibukeka idlala kahle selokhu kuqale lo mqhudelwano ohlonishwayo ebholeni lombhoxo kuleli.

Njengoba sekusele imidlalo emibili kuphela ukuthi kugoqwe eyamaphuzu, iqembu laseThekwini liqhwakele ngamaphuzu angu-43 emidlalweni engu-12. 

ICell C Sharks ishiya iToyota Cheetahs ngamaphuzu amathathu ngaphambi kwemidlalo yangoMgqibelo ntambama.

Leli qembu, elicoboshisa kwasani eThekwini, lizobhekana neFidelity ADT Lions eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo ngo-7.05 ebusuku. 

Umdlali weCell C Shark uFez Mbatha uthe lo mdlalo ubalulekile futhi bafuna ukugcina umgqigqo wabo omuhle.

“Akukhathalekile ukuthi sikuphi nendawo kwilogi, yonke imidlalo ibalulekile,” kusho uMbatha kwi-website yaleli qembu.

“Esikufunayo wukugcina umgqigqo njengamanje bese senza isiqiniseko sokuthi senza yonke into ngendlela eyiyo njengoba sibheke kweyokuhlunga. 

“Sibhekana nomdlalo ngamunye. Senza isiqiniseko sokuthi siwakhipha wonke amandla ukuze sizibeke ethubeni elihle lokuwina iCurrie Cup.” 

Ukuwina lo mdlalo kweSharks kuzoqinisekisa ukuthi izodlalela owandulela owamanqamu ekhaya. Lokhu kungasho ukuphinde idlalele khona owamanqamu eKings Park uma iwina. 

La maqembu aseke ahlangana ekuhambeni yakhala ngaphansi iCell C Sharks. 

ISharks ivele isicoboshise izimbangi ezinkulu nezindala ekhaya kulo mqhudelwano. 

Ishaye iCheetahs ngo 36-23 ngoMeyi 19, yiDHL Western Province ngo 20-7 ngoMashi 26 ne-Airlink Pumas ngo 19-12 ngo-Ephreli 7. 

Iqembu eliyimise kabi ekhaya kube yiVodacom Bulls ebashaye ngo 24-20. Bangase bazithole behlangana nayo iBulls kowandulela owamanqamu njengoba ilele endaweni yesine kwilogi yeCurrie Cup. 

IBulls ibhudluze iNovaVit Griffons ngo 64-33 koweCurrie Cup ngoLwesihlanu.

Iqembu elingase lizithole lisala ngaphandle kweyandulela owamanqamu yiWestern Province esendaweni yesithupha. 

FUNDA NALA: UModiba uthi uTerrence Mashego akazelanga ukwandisa isibalo kwiDowns

NgoLwesihlanu leli qembu laseKapa lishaywe yiGriquas ngo 38-29.

Omunye umdlalo ozobhekwa ngoMgqibelo ophakathi kwe- Airlink Pumas neToyota Cheetahs eMbombela Stadium ngo-5 ntambama.