EzakamuvaIbhola

USandile Zungu uvuma eyobuhlongandlebe kuMaZulu

By Alfred Ngubane

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu uthi bahudula izinyawo ngesikhathi kuvela izigigaba zobuhlongandlebe eqenjini kanti lokhu kucishe kwabaqhatha nezembe. 

Usuthu libe ngelinya lamaqembu avike izembe sekusele imidlalo embalwa kuphele isizini ekubeni yayiqale lunezifiso ezinkulu. 

Izindaba zabadlali abangaziphethe kahle bezilokhu zivela kodwa kubuye kuthalaliswe nje. Kuze kwaba zinekelwa izwe nguPhumlani Dube obesebenza kuleli qembu. 

Umfo kaDube wathi amambawu yinto yakhona kuMaZulu kanti noBrandon Truter oke waqeqesha leli qembu wakufakazela lokhu. 

Nokho iqembu lazichitha lezi zinsolo laze lasabisa uDube ngokumvulela icala lokungcolisa igama lalo.

Kodwa kuthe ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko ekuseni uSandile Zungu wakuvuma ukuthi bebukhona ubuhlongandlebe eqenjini lakhe.  

“Kukhona izinto ezingezinhle ezenzekile kule sizini esiphuma kuyo. Kodwa konke kuphelela la kimi,” kusho uSandile Zungu. 

“Ngizokuthatha mina lokho. Ngeke ngikhombe abathile ngenjumbane. Yingakho sengithathe isinqumo sokwenza uguquko. 

“Lezi zinguquko ngizenza ngokuxhumana nokuthola imibono kubantu abathanda AmaZulu. Kumele kube noguquko, kodwa ngendlela ehlukile. 

“Uma ubheka isizini edlule, ngicabanga ukuthi besingabunqanda ubuhlongandlebe busaqala nje. 

“Futhi ngabe sasiqinisa impela isandla ekulungiseni izindaba zokungaziphathi kahle eqenjini,” kwengeza umfo kaManzini. 

“Asizange sikwenze lokho futhi yingakho izinto zingahambanga ngendlela ebesisophe ngayo. Kodwa sesiqalile ukwenza imizamo yokuqinisekisa ukuthi akuphinde kwenzeke.”

USandile Zungu uqinisekise nokuthi uLehlohonolo Majoro uyashiya kuleli qembu kanye nabanye abadlali abangu-11.

Nokho wenqabile ke ukuveza amagama abo bona, ethi akafuni ukubashawoda esidlangalaleni. 

Uvumile ke nokuthi bebebuye basebenzise izinhliziyo uma besayina abadlali, bengabheki ukuthi uhlobo luni lomdlali. 

“Uhlobo lwabadlali esibasayinile besibuswa wukubathanda bese singabheki ukuthi bayangena yini esitayeleni saMaZulu. 

FUNDA NALA: U-Erasmus ubona ikusasa elihle kuRatomo, uthi kumele bamvikele

“Sifuna ukukujika lokho. Ngakho, sizobheka ukuthi umqeqeshi omusha, uma eseqokiwe, kube nguye obheka abadlali abakhona nokuthi sishoda kuphi.” 

Uveze nokuthi uRomain Folz usulile eqenjini kanti u-Ayanda Dlamini ngeke aqhubeke nokuqeqesha iqembu elikhulu ngoba ‘akakakulungeli’.