U-Erasmus ubona ikusasa elihle kuRatomo, uthi kumele bamvikele
By Sbongs Gumbi
Umgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus usethathe indawo yokuba ngubhuti omdala kuRelebohile Ratomo osanda kunyuselwa eqenjini elikhulu.
Lo mfanyana oneminyaka engu-17 ukhombisa ukuba nekhono elihle kakhulu njengoba eliboniswa ipali.
Kodwa ke njengabo bonke abadlali abasebancane, kunengozi yokuthi engagcina esethathe udumo walufaka ekhanda, bese edidiseka.
Yingakho ke u-Erasmus ebona kufanele bona njengabadlali asebekhulile eqenjini futhi asebedlule kokuningi bamgade futhi bamvikele.
“Ungumfana oziphethe kahle, osebenza ngokuzikhandla futhi akungabazeki ukuthi unekusasa eliqhakazile,” usho kanje u-Erasmus.
“Uyambona indlela adlala ngayo ukuthi ukulambele ukudlala njalo ukuze asize iqembu. Ngimjabulele kakhulu, kodwa kumele simvikele.
“Simvikele ngokuthi uma kwenzeka kungahambi kahle, bese eqala esolwa angakufaki ekhanda lokho. Unethalente elihle kakhulu.
“Kodwa kumele livikelwe lelo thalente nganoma yiyiphi indlela ukuze libe yimpumelelo, lingaphazamiseki.
“Sikhona uma esidinga futhi sizomeseka uma kwenzeka kuba khona la aphazamiseka khona ngoba ebholeni izinto kuyenzeka zibhimbe.
“Okusuke umele ukwenze wukuphakamisa ikhanda bese uqhubeka nokuzikhandla kuze kulunge futhi,” kuchaza u-Erasmus.
URatomo wenyuselwe eqenjini elikhulu ngemuva kokudlala kahle kwiDStv Diski Challenge la abengimunye wabadlali abanconywano.
FUNDA NALA: Avuliwe amasango kwiMamelodi Sundowns, bayanda abaphumayo
Udlale imidlalo emibili nje vo eqenjini elikhulu kodwa ushiye abalandeli bengawuvali ngaye. Ushaye igoli kanti walakha elinye kule midlalo adlale kuyo.
Akungabazeki ke ukuthi ungomunye wabazobe bebhekwe ngabomvu ngesizini ezayo la okulindeleke anikwe ithuba lokudlala kaningana.