EzakamuvaIbhola

AmaZulu amataniswa nomqeqeshi onenukani ebholeni lakuleli

By Sbongs Gumbi

Njengoba AmaZulu FC esemkhankasweni wokuthola umqeqeshi omusha, kuvela amagama amaningi abaqeqeshi abangase banikwe lo msebenzi.

Umkhankaso wokufuna umqeqeshi omusha koSuthu uqinisekiswe umengameli walo uSandile Zungu ngoMsumbuluko. 

Uveze ukuthi u-Ayanda Dlamini obebambile wehlulekile ukuzibonakalisa ukuthi ukufanele ukunikwa wona ngokugcwele ngesikhathi ebambile. 

UZungu uveze nokuthi AmaZulu azodedela inqwaba yabadlali. Uthe bazolinda umqeqeshi afike kuqala ngaphambi kokusayina abanye. 

Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi lo mqeqeshi uzosheshe aqashwe ngoba amalungiselelo esizini entsha kumele aqale ngasekupheleni kwale nyanga. 

Kuvele ke Impempe ike yabika ukuthi izicelo zomsebenzi zingena zilakanyana emahhovisi AmaZulu futhi sekusele kubo abaphathi ukukhetha abambona ezowenza kahle lo msebenzi. 

Nokho kuvela ukuthi ohamba phambili nguLuc Eymael onenukani ebholeni lakuleli njengoba ahamba eshiphile nje. 

U-Eymael waqeqesha iPolokwane City, Free State Stars neBlack Leopards kuleli ngaphambi kokushiya aye eTanzania. 

Ngesikhathi ekwiStars waxabana kakhulu noSteve Komphela owayekwiKaizer Chiefs ngaleso sikhathi. Phela u-Eymael wakusho esidlangalaleni ukuthi yena engawenza kangcono umsebenzi kwiChiefs kunoKomphela. 

Lezi zinkulumo zakhe zalumela kakhulu kuKomphela owaze wanxusa amaqembu akuleli ukuthi angaphinde amqashe lo mqeqeshi. 

NeseTanzania wafike waba yilo ishinga, wahamba sekukubi esechashwe ngezinsolo zokucwasa ngebala. Lokhu kwakulandela ukuthi ebize abalandeli beYoung Africans ngezinkawu ezingazi lutho ngebhola. 

Wabe esedingiswa kuleliya lizwe. NeSafa yabe seyimvala ukuza kuleli. IChippa United yazama amahlandla amabili ukumqasha kodwa yehluleka. 

Okokuqala yamiswa yiSafa. Nokho wabuye waxolelwa ngemuva kokuvela kokuthi wayesukelwa ngalezi zinsolo. 

Kodwa noma kunjalo, abaxhasi beChippa basabisa ngokulidikila leli qembu uma lizihlanganisa naye. Manje sekuyaxaka ukuvela kokuthi ufunwa wuSuthu. 

Lokhu kuvezwe wumbiko wabeFAR Post. 

Kucashunwe noZungu ethi ngeke aphike futhi ngeke avume ukuthi yibaphi abaqeqeshi abaxoxisana nabo okwamanje. 

FUNDA NALA: Abadlali abane abadingwa kakhulu yiKaizer Chiefs ngesizini ezayo

“Ngeke ngiphawule ngokuthi yibaphi abaqeqeshi engikhuluma nabo, noma engingakhulumi nabo. Engikwaziyo wukuthi asikaluphethi olomqeqeshi. 

“Sizomemezela ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, mhlawumbe evikini noma amabili. Kulapho eniyokwazi khona ukuthi ngubani umqeqeshi,” ucashunwe esho kanje okaManzini.