IChiefs ingwe elimele, izonqamula ‘umsila’ kwiCity – Ntseki
Sbongs Gumbi
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uMolefi Ntseki usefanise iqembu lakhe ‘nengwe elimele’ esizosobozela noma yini ehlangana nayo.
Ukusho lokhu nje lo mqeqeshi iChiefs ibhekene nomqansa onzima wokudlula kwiCape Town City esigabeni sokuqala kwiMTN8.
Lamaqembu azogadulisana e-Athlone Stadium eKapa ngeSonto ngo-3 ntambama.
Leli qembu laseNaturena aliqalanga kahle kule sizini njengoba lingakawini nowodwa emidlalweni emibili elisayidlalile.
IChiefs yabanjwa iChippa United ngo 0-0 emdlalweni wokuqala, yabe seyishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 kuleli viki.
ICitizens yona iqale kahle kakhulu njengoba iyinqobe yomibili imidlalo yeligi esayidlalile.
Yashaya iPolokwance City ngo 1-0, yalandelisa ngomakhelwane beChiefs baseSoweto iMoroka Swallows ngomphumela ofanayo.
Kod auMolefi Ntseki uthi lo mdlalo wangeSonto wehluke kakhulu ngoba nguWafa-Wafa (isiqubulo seMTN8) wangempela.
“Ngicabanga ukuthi uma ngingachaza iqembu ngiingathi lifana ‘nengwe elimele’,” usho kanje uMolefi Ntseki ngeSonto ekuseni.
“Yize sihluliwe, kusisizile ukubona izindawo okumele siqinise kuzo. Bona babuya ekunqobeni imidlalo emibili yeligi, bazobe betshikizisa imisila.
“Kodwa ke wumdlalo ohluke kakhulu lo ngoba owomkhumulajezi. Siwulungele,” kusho lo mqeqeshi.
UMolefi Ntseki uthi uyibhukisisile iCity futhi uyayazi la iyingozi khona. Ngokufanayo uyayazi nala ibuthaka khona.
“Siyazi ukuthi benza kahle. Sibacubungulile beyiqembu nabadlali ngamunye…
“Sizoqhamuka nesu lokubacindezela la bebuthaka khona, bese sibagada kakhulu la beyingozi khona.”
IChiefs seyiqede iminyaka eyisishiyagalombili ingayazi indebe. Ebuzwa ukuthi ngabe kusho ukuthini kwiChiefs ukuwina le ndebe yeMTN8, uNtseki uthe kungaba yinto enkulu kakhulu.
“Singakujabulela impela ukunqoba lo mdlalo (weCity) bese sidlulela esigabeni esilandelayo ngoba inhloso enkulu wukunqoba le ndebe.
“Ukuze siwine le ndebe kumele sisebenze kanzima ngokwamacebo okudlala, ngokomqondo nangokusebenza enkundleni.
“Ngicabanga ukuthi sikulungele konke lokho.” Nengoba iChiefs ibuya emdlalweni onzima la beyibhekene khona neSundowns, uNtseki uthi lokhu kuzobasiza.
“Lo mdlalo ufike kahle sisuka konzima la besibhekene khona neqembu elihleleke kahle futhi elinabadlali asebedlale ndawonye isikhathi eside.
FUNDA NALA: Uchazwa abadlali bePirates ‘abajabulele ukudlala’ uRiveiro
“Futhi indlela esidlale ngayo esiwombeni sesibili kulo mdlalo (weSundowns), sikhombisile ukuthi singakwazi ukwenza kangcono kakhulu.”