Abadlali abane abadingwa kakhulu yiKaizer Chiefs ngesizini ezayo
By Sbongs Gumbi
IKaizer Chiefs seyimataniswe nenqwaba yabadlali njengoba leli qembu laseNaturena ukulindeleke lingene emakethe liqinise kubadlali.
Leli qembu elicijwa u-Arthur Zwane alibanga nesizini embi uma ubheka ukuthi liqede kuyiphi indawo, nokuthi lidlale kweyandulela owamanqamu kwaze kwakabili.
Kodwa ke indlela ebelidlala ngayo ebilahlisa ithemba futhi ishiye imibuzo ngezinga labadlali abakhona njengamanje.
Abanye ke bekucaca ukuthi liyabesinda leli jezi leKaizer Chiefs elinomlando omude ebholeni lakuleli.
Njengoba kulindelwe lithenge abanye abadlali, kuzodingeka ke nokuthi lidilize kulaba abakhona ukuze kuvuleke izikhala.
Sekuvele ke kuthiwa umgadli uCaleb Bimenyimana usendleleni ephumayo kanti nabanye bangase bamlandele.
Lolu nkonko lomgadli waseBurundi lufike lwathembisa kwiKaizer Chiefs, kodwa ngokuhamba kwesikhathi kwacaca ukuthi bekungumlilo wamaphepha.
Kodwa ke okuzothatha amehlo kakhulu wukubona ukuthi yibaphi abadlali abazogcina besayiniwe eNaturena.
Lana sibheka abane esicabanga ukuthi bayadingeka kwiKaizer Chiefs:
- Unozinti – IChiefs idinga unozinti ozoba namandla angambozwa yisisindo segama lika-Itumeleng Khune.
Baningi ke asebefikile bazama kodwa bathola ukuthi kunzima ukuvla isikhala sale nkakha nayo esekhona eqenjini.
UBrandon Petersen nguye obethenjiwe kule sizini kodwa naye ubengenakho ukuzethemba. Lokhu bekugcina kudala ukungaxhumani kuye nezitobha, bese kuvela amaphutha amabi adlisela iqembu.
Nokho ke abekho onozinti abasezingeni kuleli kanti iChiefs ingaze iphoqeleke ukuyomfuna ngaphandle.
- Umdlali wasesiswini maphakathi nenkundla/omakayo – Yize oYusuf Maart noSiyethemba Sithebe bezamile, kodwa bebehluleka uma kumele basize iqembu uma lihlaselwa.
Uyadingeka umdlali ozovikela udonga lwasemuva, adlale le ndawo eyayidlalwa uWillard Katsande. Lokhu kuvulela abadlali abahlaselayo ithuba lokuya phambili ngokukhululeka.
USibongiseni Mthethwa weStellenbosch noma u-Andile Jali osanda kuchithwa yiMamelodi Sundowns bengangena khaxa kule ndawo.
- Umdlali wasesiswini ohlanganisa iminyakazo – Njengoba inkonyane isathuka isisinga kuNkosingiphile Ngcobo, Siyabonga Zwane noMduduzi Shabalala, uyadingeka osenamava ozodlala kule ndawo.
Sekuvele kuthiwa iChiefs seyimsayinile uMduduzi Mdantsane ukuzodlala le ndawo. Kanti omunye ongangena khaxa nguThulani Serero ophelelwa yinontileka phesheya.
- Abagadli abakhaliphile futhi ababukhali – Lapha kuzodingeka okungenani ababili njengoba bobabili oBimenyimana noChristian Saile bekhombise ukusindeka kakhulu.
FUNDA NALA: Uyeke eminye imijaho ngoba efuna ukudla iComrades uMthembu
Umgadli onamava nozokwazi ukumelana nengcindezi uyadingeka. Ozokwazi ukubamba ibhola bese eliphakela ozakwabo abahlaselayo abeza begijima ngemuva kwakhe.
URanga Chivaviro weMarumo Gallants noVictor Letsoalo weSekhukhune United bengawenza lo msebenzi.