EzakamuvaIbhola

UNabi uzwakalise ukungenami ngeChiefs koweCufa Cup

SIHLE NGUBO 

Kubonakale abadlali beKaizer Chiefs akade bagcina ukudlala ngesikhathi ibhekene neMarumo Gallants emdlalweni weCufa Cup, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngeSonto ntambama.

Lo mdlalo wobungani ugcine uphele ngo 0-0 emizuzwini engu-90 kwase kukhahlelwa amaphenathi. Kugcine kunqobe iChiefs ngo 4-3.

Kubadlali beChiefs ababonakele kukhona uPule Mmodi, u-Ashley du Preez, uNkosingiphile Ngcobo, uBruce Bvuma, uBongani Sam, uZitha Kwinika noGiven Msimango.

Kucacile ukuthi umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, ubefuna ukubona abanye abadlali bakhe abebengakalitholi ithuba selokhu kuqale isizini entsha yeBetway Premiership.

“Kukhona okuhle nokubi esikubonile kulo mdlalo,” kusho uNabi kwiSABC Sport ngemuva komdlalo.

“Bekungumdlalo wobungani kodwa ubushube kakhulu. Sakha inqwaba yamathuba kodwa siwageje.

“Nasemdlalweni we(Mamelodi) Sundowns senza into efanayo, sakha inqwaba yamathuba kodwa sangawasebenzisa. Lena yinkinga enkulu.

“Ngifuna ukuthi abadlali babe nomuzwa wokunqoba. Kumele siyixazulule inkinga yokuthi sibuye silahlekelwe umgqigqo wethu emdlalweni.”

Okuhlalukile ukuthi usekhona umsebenzi okumele wenziwe yithimba labaqeqeshi esiswini seChiefs naphambili. Emuva kubukeka kuqinile yize ebengekho uRushin Dortley osekhempini yeBafana Bafana.

Lena yindebe yokuqala ukunqotshwa umqeqeshi uNabi selokhu efike kwiChiefs. UBvuma ube yiqhawe kulo mdlalo evimba amaphenathi amabili, yanqoba iChiefs.

Kuzomele iChiefs iphinde ibe nomuzwa wokunqoba uma seyibhekene neSuperSport United emdlalweni weCarling Knockout Last 16, ePeter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.