Bamisiwe abakokotele imingenelo yeComrades Marathon
By Alfred Ngubane
Kukhishwe abasubathi abangu-25 ekugijimeni kwiComrades Marathon kulo nyaka, baphinde bamiswa iminyaka emibili bengangeni kulo mjalo.
Lokhu kuvezwe ngumqondisi weComrades Marathon Association, uRowny James esitatimendeni asikhiphele abezindaba ngoMsombuluko ntambama.
Ngokwalesi sitatimende, laba basubathi kutholakale ukuthi basebenzise ulwazi olungelona ngesikhathi befaka izicelo zokungenela lo mjaho ozogijinywa ngeSonto.
Isigwebo sabo kube wukuthi bakhishwe kulo mjaho wangempelasonto, baphinde badingiswa iminyaka emibili bengayigiimi iComrades Marathon.
“I-CMA ngeke ikubekezelele ukurobha kwanoma yiluphi uhlobo. Kuyinto ebalulekile ukuthi umsubathi ngamunye ahloniphe imigomo yalo mdlalo.
“Siqgugquzela ukungenzeleli kulo mdlalo futhi kuze kube manje siyaqhubeka nokuphenya labo abangahambisanga ngendlela efanele.
“Umphumela walolu phenyo sizowukhiphela umphakathi maduze,” usho kanje uJames kulesi sitatimende.
Laba basubathi abamisiwe baphuma kwiPhuma KZN AC, Protea Striders, Save Orion AC, Sasolburg AC, Celtic Harriers, Chillie Running Club CG, Chiltern AC, Collegians Harriers, Diepkloof AC, Irene Athletics Club, Jozi X Training, Run Walk For Life NWN, Run Zone AC, SAPG AC, Sunward Striders AC, Team Vitality Club KZN, Thorn Tree Striders, Top Runner AC neWoodview AC.
FUNDA NALA: AmaZulu amataniswa nomqeqeshi onenukani ebholeni lakuleli
Isoliwe ke nokho iComrades Marathon Association ngokungawadaluli amagama alaba basubathi kodwa iveze amakilabhu abo kuphela.