EzakamuvaIbhola

IRichards Bay ibuyisa umqeqeshi ozakhele igama kwiPirates

By Sbongs Gumbi

Yize ingakamemezeli lutho ngezinguquko iRichards Bay, sekuvela ukuthi isiwuqalile nayo umkhankaso wokufuna umqeqeshi omusha.

IRichards Bay iyiqale kahle kakhulu isizini yayo yokuqala kwiDStv Premiership kodwa yaphela sekubanjelelwa ngezidindi. 

Izembe bese lilokhu lisina qede liyithi jeqe ngeso iRichards Bay bese lihleka lodwa. Nokho igcine isindile njengoba kuhambe iMarumo Gallants, iMaritzbrug United yaya kweyokuhlunga. 

Impempe ike yabika ke ukuthi enye yento ephazamise izinto wukuthi usihlalo weqembu, uSifiso “Jomo” Biyela, ubesenokungenelela emsebenzini wabaqeqeshi. 

Isizini iqale kuqeqesha uPitso Dladla noVasili Manousakis kodwa ngokubhimba kwezinto emzuliswaneni wesibili wesizini, kwenziwa uguquko.

UManousakis ube esebekwa ukuba awenze ngokuzimela lo msebenzi, uDladla wehliselwa ekubeni yiphini lakhe. 

Lokhu akuzange kusihlenge ke kodwa isimo njengoba induku iqhubekile nokuqhuma ngapha nangale kuleli qembu. 

Mhlawumbe yikho lokhu osekwenze abaphathi babhukule, bafune omunye umqeqeshi ongakwazi ukubenza iqembu elingcono. 

AbeFAR Post babika ukuthi iRichards Bay ixoxisana noJosef Zinnbauer oke wacija i-Orlando Pirates futhi wayiwinisa nendebe. 

UZinnbauer ushiye kwiPirates maphakathi nesizini edlule, kwabe sekubanjiswa amaphini akhe oFadlu Davids noMandla Ncikazi. 

UDavids wadedelwa ekupheleni kwesizini kulandela ukuphela kwenkontileka. UNcikazi uhlalile waba yiphini likaJose Riveiro owenze umsebenzi omuhle kule sizini. 

UZinnbauer ube eseqashwa yiLokomotiv Moscow, iqembu elikhulu laseRussia. Wabe eselanda uDavids ukuzomlekelela. 

FUNDA NALA: AmaZulu kaSandile Zungu: Akazinuke yena amakhwapha uGwabini

Nokho izinto zasheshe zabhimba, bakhonjwa indlela. Manje sekuvela ukuthi iRichards Bay iyamhalela ifisa azokwenza kuyo lokhu akwenza kwiPirates. 

“Usihlalo ubelokhu exoxa noZinnbauer futhi konke kuhamba kahle. Uyafuna naye ukubuya eNingizimu Afrika. 

“Kubhekwe ukuthi asheshe afike ukuze kuthi kuqala izinhlelo zokulungiselela isizini entsha ebe esekhona,” kucashunwe umthombo usho kanje.