EzakamuvaIBetway Premiership

IChiefs seyiqalile ishanela amabala, ilinde omakoti abasha

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs seyiqalile ukukhuculula abadlali engabadingi njengoba izama ukuthola abasha ezoqinisa ngabo iqembu.

Leli qembu laseNaturena liqinisekise ukuthi ngeke lisayivuselela inkontileka yomgadli, uRanga Chivaviro, ephelayo ekupheleni kukaJuni.

Lo mgadli ufike ethwelwe ngeqoma kuMakhosi kulandela ukuba nesizini enhle neMarumo Gallants ngesizini ka-2022/2023.

Ngale sizini ushaye amagoli angu-17 kuyona yonke imiqhudelwano, wasiza iqembu ukuthi lifinyelele kweyandulela owamanqamu yeCAF Confederation Cup.

Nokho kumasizini amabili ekwiChiefs akakwazanga ukuqhubeka nefomu eyamenza wagcina eNaturena kade kukhona namanye amaqembu abemgaqele.

“IKaizer Chiefs ngeke isayivuselela inkontileka kaRanga Chivaviro uma isiphela ekupheleni kukaJuni,” kusho isitatimende seChiefs.

“Lo mdlali waphambili waseLimpopo ujoyine Amakhosi esuka kwiMarumo Gallants ngesizini ka-2023/2024, wasayina inkontileka yeminyaka emibili.

“Ushaye amagoli ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-45 egqoke imibala yeChiefs kumasizini amabili.

“Siyabonga kuRanga ngokuzinikela kwakhe eqenjini futhi simfisela okuhle kodwa ekusaseni lakhe.”

Eminyakeni engu-32 anayo uChivaviro usengalithola iqembu angadlala kulona okungasenani amasizini amabili ngaphambi kokunquma ukuliyeka ibhola.

Omunye umdlali odedelwe yiChiefs uNjabulo Blom obebolekwe kwiSt Louis City SC yase-USA.

Lo mdlali uzobuyela eqenjini lakhe ngemuva kokuphela kwesivumelwano sokubolekiswa isizini yonke kwiChiefs.

Ubuyela eqenjini lakhe ephethe indondo yeNedbank Cup enqotshwe yiChiefs ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 kowamanqamu ngenyanga edlule.

Emasontweni edlule iChiefs iqinisekise ukuthi seyimkhululile uSabelo “Bibo” Radebe obebolekiswe kwiRichards Bay FC ngesizini esanda kugoqwa.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 ukhulele enkulisa yeChiefs kodwa sekuzomele azame ukufuna iqembu elisha ngesizini ezayo.

IChiefs imataniswa noMannapule Saleng okuphele isizini engasabonwa nangokhalo kwi-Orlando Pirates.

Kuvele ukuthi lo mdlali ubengasahoshelani nabaphathi beqembu ngenxa yokubanga iholo lakhe.

Omunye umdlali omataniswa neChiefs uFiston Mayele wePyramids SC yase-Egypt.

Nokho kubukeka kuzoba nzima ukuthola uMayele uma kubhekwa ukuthi uzuze indebe yeCAF Champions League neqembu lakhe kule sizini ephelayo.