EzakamuvaIbhola

Isethembiso senkundla asifeziwe, iRichards Bay isazontunta nendishi

By Alfred Ngubane

Kubukeka isazoqhubeka nokuba ngokumantuntanendishi, ihambe icela ukuhlaliswa emizini yabantu iRichards Bay nangesizini ezayo. 

Lokhu kulandela ukuthi kungabonakali kuzoqala isizini ezayo inkundla yayo yasekhaya, iMhlathuze Sports Complex, seyikulungele ukusetshenziswa. 

Umkhandlu waseKing Cetshwayo District  noMhlathuze Municipality , ngemilomo yezimeya zayo, oThami Ntuli noXolani Ngwezi bathembisa ukuthi kuzophela le sizini le nkundla seyilungile. 

Kodwa lokho akwenzekanga njengoba inkundla kuze kube manje ayiphelile. IRichards Bay FC idonse kanzima idlala yonke imidlalo yasemakhaya  eThekwini. 

Usihlalo waleli qembu elizinze kulabo masipala, uSifiso “Jomo” Biyela uthi kumphundlile  kakhulu ephaketheni ukudlala ngaphandle kwedolobha laseRichards Bay.

Nabalandeli beqembu bazithole behla benyuka neqembu ngenxa yokungakwazi ukulibuka  liseduze nabo ekhaya.

“Umphakathi waseKing Cetshwayo waba nethemba elikhulu ukuthi amaqembu amakhulu bazowabona eduze,” kusho uBiyela.

FUNDA NALA: IPirates seyiphawulile ngecala eligwinye uThembinkosi Lorch

“Kodwa bahlale oswini lomswane wendlovu kuze kwaphela isizini. Sesibheke ukuthi  iRichard Bay ibuyele esibayeni sayo kule sizini ezayo.
“Kodwa lokho kuyokwenzeka uma konke kuhambe ngendlela yakhona,” kusho uMenziwa.