EzakamuvaEzokusubatha

Uveza imfihlo yabaseKZN ngeComrades uNkosikhona Mhlakwane

By Alfred Ngubane

UNkosikhona Mhlakwana  weHollywoodbets Athletics Club uthi basike iphethini kubasubathi baseNorth West  ngokubambisana njengoba kubhekwe kwiComrades Marathon.

Uthi nabo bengabasubathi baKwaZulu-Natal bahlangene ngempela futhi bazimisele ukunqoba lo mjaho ozogijinywa ngeSonto. 

Bafuna nokwenza izikhathi ezinhle kulo mjaho. Nabaqeqeshi abafana noProdigal Khumalo ongumqeqeshi kaMhlakwana noThuso Mosia ongumqeqeshi kaBongumusa Mthembu nabo bahlangene. 

Lo msubathi uphinde waveza ukuthi amalungiselelo ahambe kahle kakhulu njengoba sebelinde usuku lo mjaho.

“Kusebenzekile impela futhi umuntu uselinde lona usuku lo mjaho abone ukuthi kwenzekani,” kusho uNkosikhona Mhlakwane. 

Ngonyaka odlule abasubathi beNedbank Running Club balibeka ngembaba elokuthi umsubathi abamsabayo nguye uNkosikhona Mhlakwana.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMhlakwana uzogijima umjaho weComrades Marathon unyaka wakhe wesithathu njengoba ngonyaka ka-2019 wangena endaweni ka-11. 

Ngonyaka odlule ungene endaweni yesithupha. UNkosikhona Mhlakwane uphinde wenza kahle kwiTwo Oceans Marathon ngenkathi engena endaweni yesibili nyakenye. 

Kulo nyaka ungene endaweni yesithathu. Nguye onqobe iJoseph Shabalala Marathon engu-42 km. Useke wayinqoba nePrince Mangosuthu Marathon.

FUNDA NALA: IPirates seyiphawulile ngecala eligwinye uThembinkosi Lorch

Lo msubathi ungomunye wabathwele amathemba eKZN kanti unxenxa uhulumeni wesifundazwe ukuthi ubaxhase kule mijaho emkhulu ngokubenzela amakhempu okuzicija.