IPirates seyiphawulile ngecala eligwinye uThembinkosi Lorch
By Sbongs Gumbi
I-Orlando Pirates seyiphawulile ngokulahlwa yicala lokushaya lomdlali wayo uThembinkosi Lorch.
Lo mdlali ulahlwe yicala lokushaya owesifazane kanti uzogwetshwa ngoJulayi 28. IPirates ithi izolinda lesi sinqumo ngaphambi kokuqhubeka nalolu daba.
“I-Orlando Pirates seyisibonile isinqumo esikhishwe yinkantolo kaMantshi yaseRandburg Magistrate mayelana noThembinkosi Lorch ngoLwesibili.
“Njengeqembu, siyagcizelela ukuthi sisamile ezwini lethu lokunqanda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane,” kusho leli qembu esitatimendeni.
“Njengengxenye yalokhu, le ndaba (kaLorch) yavela ngo-2020, iqembu labe selenza olwalo uphenyo:
“1. Ngemuva kophenyo lwangaphakathi, iqembu labeka uLorch icala lokungaziphathi kahle. Walivuma icala wabe esehlawuliswa, wayalelwa nokuthi athole usizo lokulawula ulaka.
“2. ULorch wabe esetshela iqembu ukuthi usecele abammeli bakhe ukuthi bamsize ngecala ayebekwe lona ngokuthi baxoxisane nophiko lokushushiswa kwamacala.
“Waveza nokuthi useqalile ukuthola ukwelulekwa nguDkt Nomsa Nkuna-Boikanyo njengengxenye yokuzelapha.
“3. ULorch wasazisa ukuthi uzoqala nokuthola usizo lokufundiswa ukukwazi ukulawula ulaka futhi wazenza zonke izifundo zakhona waziqeda.
“Kusukela lapho, uLorch akakaze atholakale enza isenzo esifanayo sodlame. Sinethemba lokuthi usizo aluthola lwamsiza.
“4. Kodwa ke, izingxoxo zikaLorch nabophiko lokushushiswa kwamacala azibanga yimpumelelo.
“Namuhla, ngoJuni 6, uLorch utholwe enecala lokushaya futhi uzogwetshwa maduze. Okwamanje asinayo iminingwane egcwele futhi sicele yena asinikeze yona.
FUNDA NALA: Usethembe uMdali uShaun Bartlett, ubona iCT Spurs icindezelwa
“I-Orlando Pirates ngeke isasho lutho ngalolu daba kuze kube seluphothuliwe (enkantolo).”
Lokhu kulahlwa yicala kukaThembinkosi Lorch kuyifake enkingeni enzima iPirates njengoba kuzomele ithathe izinqumo ezinqala ngaye.