EzakamuvaIbhola

Usakhala ngokushwetshiswa yiDowns eseligi uNgezana

Sekuphele iminyaka emine, kodwa kumdlali wasemuva obedlala kwiKaizer Chiefs ngaleso sikhathi, uSiyabonga Ngezana, kunomdlalo owodwa osamenza agodole namanje. 

USiyabonga Ngezana udalule umthelela ongapheli walowo mdlalo empilweni yakhe. 

Uveze ukuthi lo mdlalo waletha ubuhlungu obungakapheli namanje kuye. 

Lo mdlali akasekhi kwiChiefs njengoba esayine kwiFCSB ekuqaleni kwale sizini futhi usenqobe nayo isicoco seligi eRomania nayo. 

Kodwa umdlalo owamncisha ithuba lokunqoba indebe neChiefs usamudla namanje. 

IChiefs yayishoda ngokuthi inqobe umdlalo wayo wokugcian ukuthi udle isicoco seDStv Premiership ngesizini ka-2019/20. 

Futhi kwake kwabukeka kuza kahle ngesikhathi uKhama Billiat eyibeka phambili esiwombe sokuqala. 

Kodwa iBaroka yabuya ngoManuel Kambala esiwombeni sesibili, yawuqeda kanjalo umcimbi, isicoco semuka neMamelodi Sundowns. 

“Kusaqaqamba kakhulu futhi kungathi kusanda kwenzeka ngoba ngisakhumbula kahle yonke into eyenzeka,” kusho uNgezana kwi-FARPost. 

“Kusengqondweni yami ukuthi iSundowns yasiphuca iligi emdlalweni wokugcina wesizini ngemuva kokuthi sidlale ngokulingana neBaroka FC.

“Isicoco seligi sasiphunyuka emizuzwini engu-30 yokugcina yomdlalo. 

“Ngakho-ke, kuseyinkumbulo esekhona ekhanda lami futhi ngathi into eyenzele zolo lokhu. “

Nokho kufanele ukuthi kwamfundisa lukhulu uSiyabonga Ngezana lokhu ngoba nakhu manje usengumpetha waseRomania.

Ngokuwina isicoco seRomanian Ligue 1, uNgezana uzodlala kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo. 

Kodwa lokho kuzokwenzeka uma engadayiswanga emaqenjini aseFrance okuthiwa amfuna uthuli kulandela ukwenza kahle kwakhe kwiFCSB. 

Kumanje ungomunye wabadlali ababhekwe kwiBafana Bafana uma sekuqokwa iqembi elizodlala eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngenyanga ezayo. 

IBafana izogadulisana neNigeria ekuhambeni ngomhla ka-3 kuNhlangulana, bese iba sekhaya ibhekene neZimbabwe ngomhla ka-7 kuNhlangulana.