AmankomaneEzakamuva

UHlula noHle Dladla nohlelo lokufukula amankomane eKZN

Abashadikazi baseMtshezi, maphakathi neKwaZulu-Natal, oHlula noHle Dladla baphokophele phambili ekufukuleni isibhakela kulesi sifundazwe. 

Yingakho besungule iHlula Dladla Boxing Promotions neHle Job Boxing Promotions.

Laba bashadikazi  banohlelo oluqondile lokufukula amabhokisa njengoba betshale imali eningi kakhulu esibhakeleni.

Bafana isa ndla kusukela kwesingakhokheli kuze kufike kwesikhokhelayo. Banamajimu amabili – eseMpofana neseDundee. 

Sebevele ke baqalili ukuheha abashayisibhakela abanohlongo njengoba benoPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni, Gcina Makhoba noSanele Mhlungu. 

UMnguni useke wamela elakuleli kumaCommonweath Games.  UMakhoba yena ngumpetha weWBF International kanti uMhlungu uphethe ibhande lesicoco sesifundazwe. 

Kukhona nentokazi eza kahle kakhulu kwezamankomane uuBathabile Ziqubu osanda kuwina isicoco seWBF.

Engxoxweni ekhethekile neMpempe, uHlula noHle Dladla bakubeke kwagcwala umlomo ukuthi banothando lwalo mdlalo wezamankomane. 

“Nami ngasidlala isibhakela emazingeni aphansi,” kusho uHlula Dladla. Uthi unina wayebavusa ngeminyaka yama-80s nama-90s  ebusuku babuke amankomane.

“Wayesivusa uma kunezimpi ezinkulu ezazivamise ukukhonjiswa ezintatha, ukuze sizibonele bukhoma. 

“Sasibuka abashayisibhakela abafana noMike Tyson, Dingaan Thobela, Tap Tap Makhathini, Sugerboy Malinga nabanye.

“Lolu thando nami sengilufake nasemndenini wami njengoba namadodana ami amabili esedlala sona isibhakela. 

“UKhethelo (Dladla) ungumpetha kazwelonke kosondonzima…” 

Lo mndeni usebenza nabaqeqeshi baseDundee abanamava abafana noNathi Hlatshwayo, Zweli Dube, noPretty Tsotesti. 

UPretty wake waba yimenenja yamashayisibhakela kwinhlangano eyengamele isibhakela ezingeni elingakhokheli kuleli, iSanabo. 

Dladla: Sasivuswa ezintathe sibuke amankomane

Akhona namabhokisa abonakala ezogcina eyinkinga kulo mdlalo akuso lesi sibele sikaHlula noHle Dladla. 

Kuwo singabala uMxolisi Zuma waseMpangeni okulindeleke ukuthi abe ngumpetha maduze.

Laba bashadikazi kade beqhathe ngokuhlanganyela neMvelo Boxing Promotions eholwa nguNomvelo Shezi eMgungundlovu ngenyanga edlule.

Manje amabombo asebheke ekuqhatheni izimpi ngakubo eMtshezi ngoJuni lapho kulindeleke isibhakela esiqwiza umentshisi. 

Laba bashadikazi banolwazi olunzulu ekuphatheni ibhizinisi njengoba bekholelwa ukuthi kumele utshale kuqala mese uyavuna okutshalile.

FUNDA NALA: IMamelodi Sundowns seyicabanga ukumchitha umdlali ‘owutshani obuluhlaza’

Abashayisibhakela abanezinkontileka neHle Job Boxing Promotions neHlula Dladla Boxing Promotions bahlala ejimini enezinsiza eziphelele. 

La majimu azohlomulisa kakhulu imiphakathi yalezi zindawo eziseduze njengoba kubonakala ezokhiqiza ompetha bomhlaba.