EzakamuvaIbhola

UMobara ufanisa Romain Folz nowaka odlala ngabantu

Njabulo Shezi

Kusale kancane ukuthi u-Abubbaker Mobara alibeke ngembaba elokuthi abaphathi baMaZulu FC bashaya eceleni beqasha uRomain Folz. 

Lo mqeqeshi wafika ngesasasa elikhulu kuMaZulu, umengameli wawo waze wametha igama lesidlaliso elithi nguFohloza. 

Kodwa kunokuthi afohloze izitha, uRomain Folz ufohloze lona Usuthu, waluxova waluqeda ngokusho kukaMobara. 

Lo mdlali wasemuva kodwa okwazi ukudlala nasesiswini ukuveze lokhu engxoxweniyakhe nabe-Idiski Times kuleli viki. 

“Ezinyangeni ezine nje vo, izinto zabheda kakhulu,” kusho yena ngesikhathi esihlale uRomain Folz kuleli qembu laseThekwini. 

“Sinabadlali abawine iligi kulandelana, futhi abebesabheke ukunqoba okunye. Noma ungakususa ke asebekuzuzile, bona basahalela okunye vele. 

“Yingakho bezinikela, balwela ukuzuza okuthile. Bese kufika umuntu oqhamuka ngaphandle (uFolz) akuqede lokho. 

“Avele aqhamuke nokwakhe bese ethi nakhu okufuneka nikuzuze,” kuchaza lo mdlali oke wagijima kwi-Orlando Pirates. 

UMobara uthe lento ebifunwa uFohloza kubo beyingeke yenzeke noma sebethanda kanjani. 

“Beyingeke yenzeke. Ngeke utshele umuntu yukuthi akenze into kodwa ungamkhombisi ayenze kanjani.

“Awukwazi ukuya kumuntu odweba izindlu uthi, ‘ngifuna ukwakha ibhilidi elide kunawo wonke’, bese ebuya ethi yakha kodwa angakuniki umdwebo wohlelo okumele uwulandele.

“Uzolakha kanjani? Yilokho ke okwenzekile,” kuchaza uMobara ofike kuMaZulu esuka kwiCape Town City ngesikhathi sikaBenni McCarthy. 

URomain Folz wagcina eqhelisiwe ekuqeqesheni, izintambo zanikwa u-Ayanda Dlamini kanti uMobara uthi ufike wayishintsha izinto. 

“Into enhle u-Ayanda afike wayenza wukusivuselela imimoya eqenjini. UFolz wehluleka kulokho.” Uthi indlela abephethe ngayo uFolz beyiqhatha iqembu.

“Bese sinokulwa sodwa ngoba umqeqeshi ubesikhohlisa, esebenzisa izindlela ezingezinhle ukwenza sikholelwe entweni engekho. 

FUNDA NALA: UWillard Katsande ubhodla ngokuvinjwa yiChiefs ukuya phesheya

“Uyafana ne nowaka okudayisela into engekho,” kuchaza lo mdlali osekuvele ukuthi ungomunye wabazodedelwa kuleli qembu.