I-PSL icacisa ngezikhathi zokuqala kwemidlalo yeMTN 8
SIHLE NGUBO
I-Premier Soccer League (PSL) icacisa ngezikhathi zokuqala kwemidlalo yeMTN 8 ezokuba ngoLwesithathu ezinkundleni ezehlukene.
Umdlalo womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu phakathi kweCape Town City ne-Orlando Pirates, obekumele ube ngoLwesibili, uhlehlisiwe ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle eKapa. Lo mdlalo usuzodlalwa ngoLwesithathu ngo-6 ntambama eDHL Stadium.
Kube khona ukudideka ukuthi umdlalo weMamelodi Sundowns neStellenbosch FC, ozokuba seLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoLwesithathu, ngo-7 ebusuku, ngabe sizoshintsha yini isikhathi sawo. Nokho iPSL ithi ngeke uphazanyiswe lowo mdlalo.
“Ngimthanda ukucacisa isikhathi sokuqala komdlalo phakathi kweMamelodi Sundowns neStellenbosch FC. Ngeke kube nokushintsha kwesikhathi sokuqala komdlalo,” kusho uFhatuwani Mpfumi okhulumela iPSL.
“Lowo mdlalo kuhlelwe ukuthi uqale ngo-7 ebusuku, alukho ushintsho ekuqaleni komdlalo. Ngiyaphinda futhi akukho ushintsho mayelana nesikhathi sokuqala komdlalo…kusengu 7 ebusuku.”
Okudidisa abanye ukuthi umdlalo phakathi kweCity neBucs uzophela sekuya ku-8 ebusuku. Lokhu kuchaza ukuthi oweDowns neStellies uzoqala ungakapheli lo ozobe udlala eKapa.
Amathikithi emidlalo yeMTN 8 abiza u-R80 kuwona wonke umuntu, kumbandakanya nezingane.