CAF Champions LeagueEzakamuvaiDStv Premiership

UNkosinathi Sibisi uncoma ukuzikhandla kweBucs bephunyuka iGalaxy

I-Orlando Pirates iwajulukelile amaphuzu amathathu kwiTS Galaxy kanti isitobha uNkosinathi Sibisi uncoma ukuzwana eqenjini ngalokhu. 

UNkosinathi Sibisi nguye oqokwe njengoMdlali obeVelele kulo mdlalo weDStv Premiership ngeSonto ntambama. 

IPirates igcine inqobe ngo 2-1, kodwa amaphuzuwona iwathole izwile. Lamaphuzu ayibuyisele endaweni yesibili kwilogi. 

“Siwajabulele amaphuzu amathathu. Kudingeke siwasebenzele kanzima,” kusho uNkosinathi Sibisi ngemuva komdlalo. 

“Bayiqembu elihle kakhulu. Bebelokhu besicindezela, bakha amathuba  kodwa nathi sikwazile ukumelana nabo, sawathola lamaphuzu amathathu.” 

Nokho uNkosinathi Sibibisi uyavuma ukuthi igoli abalidedelile belingafanele kwazise bahuqe ubuthongo kade kuyikhona. 

“Silibaziseke ezikhathini ezibalulekile. Kodwa nathi siwathole ngendlela efanayo amagoli kade kungamabhola abekwe phansi. 

“Ngicabanga ukuthi kumele siqhuebeke nokuzicija kanzima ekutheni singadedeli amagoli alula kanje.” 

Uncome kakhulu nokuzwana abanakho bengabadlali basemuva, wathi noma kukhona ongekho akunakeki kakhulu.

Kulo mdlalo iPirates idlale engekho ukaputeni u-Innocent Maela kodwa isikhala sakhe besingabonakali kangako.

“Ukuzwana kuhle kakhulu. Uma ubheka, ukaputeni wethu ubengekho namuhla,” kuchaza uNkosinathi Sibisi. 

“UMako ngale, uThabiso (Nonyane) ngale… basebenze kahle kakhulu. UBandile naye ungene wasebenza. 

“Sinokuzwana okuhle kakhulu emuva futhi siwasebenzele lamaphuzu amathathu,” kuchaza lesi sitobha.  

IPirates yiyo elithole kuqala igoli kulo mdlalo obuseMbombela Stadium eNelspruit. 

Kube nguTerrence Dzvukamanja ingqofele phakathi ibhola kade kuyikhona. Nokho izitobha zeTS Galaxy kumele zizisole zona ngmungamgadi lo mgadli oyingozi ngekhanda. 

Nokho kuthe sekuzoyiwa ekhefini, yabuya iTS Galaxy nayo ithola igoli eliqhamuke kade kuyikhona. 

Kube ngukaputeni uGiven Msimanga olingqofele enthini ibhola, nakhona izitobha zePirates bezihuqa ubuthongo. 

Kuphinde kwaba yigoli lekhanda elinqobele iPirates lo mdlalo. NguDeon Hotto olingqofele enthini nakhona kade kuyikhona. 

IPirates bekumele ilithole elesithathu igoli kodwa uMonnapule Saleng ovamise ukuyishaya kalula inethi uhlulwe ambalwa kulo mdlalo. 

ITS Galaxy izamile ukubuya ekugcineni, yacindezela kwavalwa ameho kodw ayafica uSipho Chaine engenawo umusa, eyichitha yonke imizamo yayo. 

FUNDA NALA: URulani uveza okugqilazayo ngokungadlali ezingeni elikhokhelayo

UNkosinathi Sibisi uzothemba ukuthi bazokwazi ukuqhubeka nalokhu kusebenza kanzima noma sebebhekene neRoyal AM ekhaya e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.

Ukunqoba kwiRoyal AM kubalulekile ukuze babe sethubeni lokuqeda endaweni yesibili kwilogi, babuyele kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

By Sbongs Gumbi