Kuvela okungekuhle okubambezele uSabelo Radebe kwiChiefs
Njabulo Shezi
USabelo Radebe ngomunye wabadlali obekubhekwe ukuthi bagcine bewumgogodla weqembu lika-Arthur Zwane kwiKaizer Chiefs ngesizini edlule.
Nokho lokho akwenzekanga njengoba lo mdlali ijezi ubelizwa ngendaba. Obekwenza abhekwe kwabazodlala njalo wukuthi ubekhuliswe nguZwane enkulisa yeqembu.
Ubengimunye wabadlali abanyuselwa eqenjini elikhulu besuka enkulisa yeqembu futhi ubeza kahle ngesikhathi sikaGavin Hunt.
Yingakho kwabonakala emakhulu amathuba akhe uma sekuphatha uZwane kwazise umazi kangcono lo mdlali wasesiswini.
Ngasekuqaleni kwesizini ubengomunye wabadlali uZwane abasebenzisayo kodwa kwahamba isikhathi uSabelo Radebe wanyamalala.
Manje sekuvela ukuthi inkinga ibe sekuhlulekeni ukuziphatha kulo mdlali oneminyaka engu-23, okuthiwa yikho okumbambezelile.
“Ushaywe yinto uZwane abehlezi ebaluleka ngayo besesenkulisa ukuthi bengahlanyiswa wudumo lokudlala eqenjini elikhulu,” kusho omunye osondelene nalo mdlali ocele ukungavezwa.
“Yena ube eseqala izinto ezingafanele kanti kuke kwasolakala nokuthi uke wafika ejimini ebuhlabile okuyinto uZwane angayifuni nokuyizwa.
“Nokho iqembu lizamile ukuyishayela phansi leyo ndaba, kwazanywa ukuthi asizakale ukuze naye angagaxeli odakeni olwabambezela abanye.”
Lo mthombo ubuye waveza ukuthi iqembu lisemizamweni yokumtholela elinye iqembu la azodlala khona njalo ukuze abuye esevuthiwe eNaturena.
“Angazi ke noma yiyona ndlela yokumchitha yini ngoba sekuwayele ukuthi umdlali ohluphayo osemncane bamkhiphe kanje.”
FUNDA NALA: UMazwi Mkhize usola iSafa KZN ngesiphithiphithi saseHarry Gwala
Kuyaphoxake nokho ukuthi lo mdlali osemncane kanje engagaxela kulolu gibe olwawisa inqwaba yabadlali phambilini.
Abadlali abafana noJunior Khanye bagcina bengafikanga ezingeni elalibhekwe kubo kullei qembu. Muba nje kube ngu-Emmanuel Letlotlo okumanje akanaqembu.