EzakamuvaIbhola

UMazwi Mkhize usola iSafa KZN ngesiphithiphithi saseHarry Gwala

Alfred Ngubane

Iyashuba impi ngezibhelu ezibheduke eHarry Gwala Stadium emidlalweni yokuhlunga ye-ABC Motsepe League, uMazwi Mkhize uwukhomba kwiSafa KwaZulu-Natal umunwe. 

Kusuke uthuthuva kule midlalo ngoLwesihlanu ngesikhathi abalandeli boMsinga United ngengena enkundleni kwagcian sekuqhuma nezibhamu. 

Njengamanje akukacaci ke ukuthi kwakwenzenjani kuze kuqhume inganono, kubekwa izimpilo zabantu engcupheni. 

Kodwa usihlalo woMsinga, uWelcome Mpanza ulihlangulile iqembu lakhe, ethi uchuku lwasuswa onogada ababephethe izibhamu. 

Lolu daba lusaphenywa. Kodwa umengameli weSafa eThekwini, uMazwi Mkhize usola umengameli weSafa KZN uKwenzakwakhe Ngwenya. 

“Wathatha le midlalo, wayisusa eThekwini wayisa eMgungundlovu ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe,” usho kanje uMazwi Mkhize ekhuluma neMpempe ngoLwesibili. 

“UNgwenya nguyena uqobo umuntu obebulalisa abantu laphaya. Akawulandelanga  umthetho wokusingathwa kwemidlalo yalolu hlobo. 

“Wavumela kuqalwe imidlalo ngaphandle kwemihlangano efanele la kumele kuhlangane abamele umasipala, abezokuphepha nabezosizo lokuqala.” 

Ube esemsola nangokunye okungalunguile athe uyakwenza kodwa esingeke sikwazi ukukushicilela okwamanje kuze kube uNgwenya uyatholakala aziphendulele kukho.

Ube esexwayisa umphathi woMsinga ukuthi angalingi amlalele uNgwenya uma emthembisa ukuthi lolu daba angakwazu ukwenza lunyatheleke, luphele. 

OkaKhabazela wenze nezinsolo zokuthi isigaba se-ABC Motsepe League eKZN sihlale sixovekile nje kungenxa yakhe umfokaNgwenya. 

FUNDA NALA: Uyanda umkhuba wokungaholelwa kwabadlali emaqenjini e-PSL

Impempe izamile ukumthola uNgwenya kodwa ayangaphumelela. Nokho izoqhubeka nokumzama kwazise kukhona nezinsolo ezinkulu eziveziwe ngaye. 

Uma esetholakele futhi evuma ukuziphendulela, sizoluqhuba lolu daba siziveze nalezi zinsolo ezishaqisayo.