Akumethusi oweYanga ukuthi iChiefs ihalela uNasreddine Nabi
Sbongs Gumbi
Usihlalo weYoung Africans, uHersi Said, useveze ukuthi akumethusi ukuzwa ukuthi iKaizer Chiefs izibhekile kumqeqeshi wakhe uNasreddine Nabi.
Uthi indlela asebenze kahle ngayo uNabi kuleli qembu laseTanzania yiyo eheha amanye amaqembu njengoba kungeyona iChiefs kuphela emfunayo.
Inkontileka kaNsreddine Nabi kwiYoung Africans, eyaziwa ngeleYanga, izophela uma kusongwa inyanga kaJuni.
Maningi ke amaqembu okuvela ukuthi aseke athintana nabaphathi balo mqeqeshi ebuza ngaye ukuthi engatholakala yini.
Kukhona elase-Egypt, elaseMorocco, elangakubo eTunisia nelaseSaudi Arabia kulawo okuthiwa ayameshela lo mqeqeshi.
Ekhuluma nabeFARPost muva nje, isikhulu seYanga uSaid uthe bebengakaqali ukuxoxisana noNasreddine Nabi ngenkontileka entsha.
“Kusobala ukuthi sakhe into enhle nomqeqeshi wethu uNabi kule minyaka emibili nengxenye elana,” usho kanje uSaid.
“Useqenjini la enikezwe khona izinsiza ezifanele ukuthi aphumelele futhi ukwenzile lokho,” kushuba lesi sikhulu.
“Manje uma ubheka impumelelo yeqembu kule minyaka emibili edlule, akumangazi ukuthi kube namaqembu amfunayo.
“Thina sibe nesizini ematasa la sidlale khona imidlalo engu-55. Ngakho besingakabi naso isikhathi sokuhlala phansi nomqeqeshi sidingide inkontileka entsha.
“Kodwa siqinisekisile ukuthi uyazi ngesifiso sethu sokuthi aqhubeke nomsebenzi,” kuchaza lesi sikhulu.
Ngesizini yakhe yokuqala, uNasreddine Nabi uwine izicoco ezintathu naleli qembu. Ukuphindile lokho, wengeza nangokufika kowamanqamu kwiCaf Confederation Cup.
Ngokwemibiko kuleli, sekusele kuye lo mqeqeshi odabuka eTunisia ukuthi asho ukuthi uyawamukela yini umsebenzi kwiChiefs noma cha.
FUNDA NALA: Kuvela okungekuhle okubambezele uSabelo Radebe kwiChiefs
Nokho okuthiwa kungase kube yisithiyo wukuthi ufuna ukufika nethimba lakhe labaqeqeshi abazomsiza ekubeni iChiefs ifuna u-Arthur Zwane abe yingxenye yalo.
Kuvela ukuthi bakhona nabanye abaqeqeshi iChiefs exoxa nabo ngaphandle kukaNabi njengoba ifuna ukuqinisa kulo khakha.