EzakamuvaIbhola

UWilliams uveza okubalulekile okumele kwenziwe iBafana kwi-Afcon

Ukuwina umdlalo wokuqala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023, nakanjani kuzoyisusa ingcindezi kwiBafana Bafana, nakumqeqeshi wayo uHugo Broos.

Lona ngumbono kaMark Williams, owashayela iBafana amagoli amabili ngesikhathi iqumba phansi iTunisia ngo 2-0 emdlalweni wamanqamu we-Afcon ngo-1996, eNingizimu Afrika.

Nokho ngeke kube lula kwiBafana njengoba izobhekana neMali emdlalweni wokuqala ngoLwesibili ngo-10 ebusuku.

Leli lizwe libophele ukhilimu wabadlali abagijima phesheya, kanti iqembu lakuleli lishaya ngeningi elidlala kwiDStv Premiership.

“Alilula neze iqoqo elilula, ikakhulukazi uma uzoqala ngeMali.

“Uma sibhekene neMali sihlale sinezingqinamba kodwa neTunisia iyiqembu elinzima kakhulu,” kusho u Williams kwiSABCSPORT.

“ITunisia iyiqembu elinzima ngokuvala emuva. Indlela abazihlela ngayo uma bedlala yenza ningakhululeki.

“Benza isiqiniseko sokuthi bavala yonke into, uma uhluleka ukugxila emdlalweni, okuyinto eyenziwa amaqembu amaningi, bakujezisa kanzima.

“Kodwa ngokwami kumele nakanjani siwine kwiMali,” kubeka le ngwazi eyake yagijima kwiKaizer Chiefs.

Emidlalweni ye-Afcon esadlalilwe sekucacile ukuthi alikho izwe elingeke lilishaye elinye.

Buka nje ngoba iCape Verde imangaze abaningi ishaya iGhana ngo 2-1.

IMozambique ibambane ne-Egypt ngo 2-2 emdlalweni ecisho yawuwina.

I-Egypt ithole iphenathi yokulinganisa ngemizuzu ebingezwe unompempe.

INigeria ibambane ne-Equitorial Guinea ngo 1-1, kwathi iGuinea yabamba iCameroon ngawo u 1-1.

Kuphinde kwaba ngu 1-1 phakathi kwe-Algeria ne-Angola.

“Ukuwina umdlalo wokuqala kukunika ukuzethemba, usuke usunamaphuzu amathathu.

“Ube usubhekana neNamibia, uma uke wayishaya asisekho isidingo sokuzikhathaza kakhulu ngeTunisia, uzidlalela nje neqembu nalo elinabadlali abangu-11.

“Usungabaphumuza abanye (abadlali) uma usukhetha abangu-11 abazodlala neTunisia.

“Ngemuva kwalokho uzokwazi ukukhetha iqembu eliqinile uthi alihambe liyowina umdlalo womzuliswano olandelayo.”

Kumele kucace nokho ukuthi awukho umdlalo ozoba lula kuGroup E. INamibia ishaya ngoPeter Shalulile, weMamelodi Sundowns, ongaba yingozi kubadlali beBafana ngoba ubazi kahle.