EzakamuvaIbhola

Andile Dlamini noma Kaylin Swaart: amehlo athe njo ku-Ellis

Sihle Ngubo

U-Andile Dlamini ongunozinto weMamelodi Sundowns usazophinde abangisane ijezi noKaylin Swaart ekuvimbeleni iBanyana Banyana.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi umqeqeshi weBanyana uDesree Ellis ememezela iqembu lakhe elizobhekana ne-USA ngoLwesithathu.

UDlamini ubeseqenjini ebeligijima kwiNdebe yoMhlaba ka-2023 eNew Zealand nase-Australia kodwa ugcine ngokumungunya ama-ayisi ebhentshini. 

Kwale noma uSwaart esenza amaphutha abedlisa iqembu kodwa u-Ellis waqhubeka naye. 

Lokhu kibacikile abanye abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika abebefuna anikwe ithuba noDlamini kwiNdebe yoMhlaba.

U-Andile Dlamini ube nesandla kakhulu ekutheni iBanyana iwine iWomen’s Africa Cup of Nations nokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba. 

Kuxakile ukuthi angadlaliswa nowodwa umdlalo yize uzakwabo ebebuye ageze ngalo ibhola. Nokho kuke kwavela ukuthi lokhu bekunenhlesa yepolitiki ethile.

Okuhlalukile eqenjini lika-Ellis ukubizwa kukaSinoxolo Cesane osegijima e-USA. Lo mdlali unewele lakhe nalo elibiziwe kwiBanyana, uNoxolo Cesane.

IBanyana izodlala imidlalo yobungani ne-USA ngoSeptemba 21 no-24.

Selilonke iqembu limi kanje:

Onozinti: Andile Dlamini (Mamelodi Sundowns), Kaylin Swart (JVW FC),  Kebotseng Moletsane (Royal AM)

Izitobha: Karabo Dhlamini, Lebohang Ramalepe, Tiisetso Makhubela, (beSundowns), Lonathemba Mhlongo, Fikile Magama, Bongeka Gamede (be-UWC), Noko Matlou (SD Eibar, Spain) 

Abaseswini: Sinoxolo Cesane (East Tennesse State University, USA), Kholosa Biyana (Mamelodi Sundowns) Sibulele Holweni (UWC) Motlhalo (Glasgow City, Scotland), Nomvula Kgoale (TS Galaxy), Robyn Moodaly (JVW)

FUNDA NALA: Kwembulwa kwembeswa kumshayisibhakela odutshuliwe eGoli

Abagadli: Gabriela Salgado (JVW), Jermaine Seoposenwe (C.F. Monterrey, Mexico), Noxolo Cesane (UWC), Melinda Kgadiete (Sundowns), Wendy Shongwe (Tuks), Hildah Magaia (Sejong Sportsoso, South Korea), Thembi Kgatlana (Racing Louisville, USA)