EzakamuvaIbhola

U-Athur Zwane uveza okumhlinzele ezibini kwiChiefs 

Sbongs Gumbi

Njengoba kulenga ifu emimnyama phezu kwakhe, u-Arthur Zwane useveze ukuthi kwakuyinjabulo enkulu kanjani empilweni yakhe mhla ethulwa njengomqeqeshi weKaizer Chiefs esikhathini esingangonyaka esedlule. 

Waqashwa ezongena endaweni kaStuart Baxter. Ukuqashwa kwakhe kwalandelwa yimibono ehlukene kubalandeli. 

Nokho abaningi babechazekile ngokuthi wayeqhakambisa ukuletha ushintsho hhayi kuphela ngokuqeda indlala yezindebe, kodwa nendlela iqembu elidlala ngayo. 

U-Arthur Zwane wathembisa ukuthi iChiefs izobuyela ebholeni layo elijabulisayo uma ulibuka. 

Kodwa uyavuma ke ukuthi izinto azihambanga ngendlela ayefisa ngayo njengoba isizini iphele esehhanyezwa abalandeli. 

“Besifuna ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo esiluqalayo luba yimpumelelo,” kusho u-Arthur Zwane esiqeshini sakamuva seKaizer Chiefs TV

“Isizini siyiqede ngegiya eliphansi kakhulu ekubeni sasiyiqale kahle. Inkinga kwaba wukuthi aiskwazi ukubamba umgqigqo. 

“Imiphumela beyijikajika futhi lokho kusenze sangakwazi ukuba nokuzethemba nomgqigqo.” 

UZwane, owayengumdlali waphinde waba yiphini lomqeqeshi kuleli qembu, uveza ukuthi izinkinga zokulimala kwabadlali yizo ezibakhube kakhulu. 

“Ngingathi nje ukulinyalelwa abadlali kusihlinzele ezibini kwasivimba ekuhlanganiseni izinto. 

“Ngeshwa ke leyo yinto ongeke wenze lutho ngayo ngoba ngeke ukuvimbe ukuthi umdlali othile angalimali. 

“Ibhola wundlalo la kuthintwana khona futhi kungenzeka noma yini. Kodwa angikaze ngibone iqembu lilinyalelwa abadlali ngale ndlela ngesizini eyodwa.” 

Uthi la abona khona ukuthi amashwa ngempela yila alahlekelwa khona abadlali ababili abashayisana bodwa ejimini.  

“Kukhona la salahlekelwa abadlali ababibili abashayisana bodwa. Uvele ungazi kusho ukuthini ke um asekunjalo.” 

Njengamanje kunokuqagela okukhulu ngo-Athur Zwane nekusasa lakhe njengoba kuvela ukuthi iChiefs ixoxa nabanye abaqeqeshi. 

“Ngingumqeqeshi onezifiso ezinkulu, ofuna ukunqoba imidlalo. Into yokuqala uma ungumqeqeshi ukunqoba iligi. Ufuna izicoco. 

“Ufuna ukubona abadlali bephucuka beba ngcono, ufuna ukubabona bebizelwa eqenjini lesizwe, baye naphesheya. 

FUNDA NALA: ‘Unesalamuzi’ lomsebenzi uFadlu Davids oseyosebenza eMorocco

“Ufisa nokubona iqembu liyodlala kwiCaf Champions League ngokuzayo,” kuchaza umfo kaMangethe. 

Nokho kuzocaca ngokuhamba kwezinsuku ukuthi ngabe uzolithola yini ithuba lokuzama ukufeza lezi zifiso zakhe.