EzakamuvaIbhola

Uyanda umkhuba wokungaholelwa kwabadlali emaqenjini e-PSL

Sbongs Gumbi

Sekuvele okungenani amaqembu amathathu adlala ezigabeni zePremier Soccer League (PSL) angabaholelile abadlali imiholo kaMeyi. 

Impempe ithole ukuthi abadlali beBaroka FC, Black Leopards, Tshakhuma Tsha Madzivhandila naboThongathi FC abaholile njengoba inyanga seyigamenxe nje. 

Lamaqembu adlala esigabeni se-PSL iMotsepe Foundation Championship. Zikhona nezinsolo zokuthi akhona namanye amaqembu esigabeni esiphezulu se-PSL enza lo mkhuba. 

Omunye wabadlali balamaqembuu ongaholile, uthi sebeze bayolufaka enyunyaneni yabadlali udaba lwabo kanti sebethembe yona. 

“Sikhulumile nabo (abenyunyana). Bathi asikadlulelwa yisikhathi. Bathembisa ukuthi udaba bazoqala ukulusebenza ngoMsombuluko,” kusho lo mdlali ocele singalivezi igama lakhe. 

“Bathe iqembu bekumele lisikhokhele uMeyi noJuni noma ngabe izinkontileka ziyaphela. Okwamanje bayasikweleta.” 

Lo mdlali uthi kukhona ozakwabo abavele bazophelelwa yizinkontileka ekupheleni kukaJuni ngakho bebecabanga ukuthi nemiholo iphela ngo-Ephreli uma kuphela imidlalo. 

Kodwa abenyunyana, iSouth African Football Players’ Union (Safpu) babavule amehlo ngokuthi uma inkontileka iphela ekupheleni kukaJuni, nomholo kumele ugcine ngaleso sikhathi.  

“Bakhale ngokuthi uma sithula manje, nangenyanga ezayo ngeke basikhokhele. Bathi lezi zinto ziyenzeka futhi nabo bayazama ukuzilwa. 

“Sesethembe bona. Bathe bazoqinisekisa nokuthi sithola imali ephelele ngoba mina le engangiyisayinele nje angikaze ngiyihole selokhu kuqale isizini. 

“Bengihlezi ngihola imali engaphelele. Namuhla ke kubi kakhulu ngoba asiholile kwakhona leyo engaphelele,” kuzibalisela lo mdlali. 

FUNDA NALA: Iyokhempa eSpain i-Orlando Pirates, izohamba no-Otladisa

“Iningi lemali engiyikweletwayo futhi kumanje mina izingane zami bacabanga ukuthi zidlani? Bazibheka bodwa laba. 

“Bafuna thina sizikhandle sisebenzele amaqembu kodwa bona bangasicabangeli,” kuchaza lo mdlali obezwakala ukuthi usekhathele yilento.”