EzakamuvaIbhola

URui Vitoria ubhodla umlilo ngolukaSalah

Umqeqeshi weqembu lesizwe lase-Egypt, uRui Vitoria, unengekile ngesenzo sikaJurgen Klopp, ocija iLiverpool FC yase-England.

URui Vitoria uzwakalisa ukucanuka nje yindlela ‘agxambukele’ ngayo uKlopp, ngemuva kokulimala kukakaputeni we-Egypt, uMohamed Salah.

Lo mgadli ogijima kwiLiverpool akawuqedanga umdlalo ngesikhathi ezakhe zibambana ngo 2-2 neGhana.

Ngemuva kwalokho uRui Vitoria ubengafuni ukucacisa ukuthi uSalah ulimele kangakanani.

Ngaleso sikhathi i-Egypt beyilungiselela ukubhekana neCape Verde kowokugcina wamaqoqo kuGroup B obuzocacisa ukuthi iyadlulela yini phambili.

Kube sekuvela imibiko yokuthi uSalah uzobuyela e-England ayokwelashwa noma alulamele khona, nokuqhamuke ngomlomo kaKlopp.

“Noma kungathiwa ulimele kangakanani, into eyakha umqondo ukuthi azolulamela ngapha, nabantu bethu,” kusho uKlopp.

Lokhu kumenze wadinwa wathelwa ngamanzi uVitoria, obezama ukungakhulumi kakhulu ngokulimala kukaSalah, ngaphambi komdlalo wabo neCape Verde.

“Besingafuni ukuthi kube khona esimethusayo (ngokulimala kukaSalah),” kusho uVitoria.

“Angicabangi bekuyinto enhle ukuthi iLiverpool ikhulume ngalokhu, noma ngabe ibisebenzisa luphi uhlobo lokuxhumana.

“Besinomdlalo obalulekile kakhulu ebesibhekene nawo.”

I-Egypt ibambane neCape Verde ngo 2-2, yapulukutshela kwiLast 16 ngamaphuzu amathathu.

USalah ubonakalile ngemuva komdlalo kodwa bekulindeleke ukuthi abhekise amabombo e-England ngoLwesibili.

NgokweLiverpool uzobuya uma elulama i-Africa Cup of Nations isaqhubeka.

Konke lokhu yinto angayizwa uRui Vitoria, ofuna lo mdlali ahlale ekhempini ye-Egypt njengoba umqhudelwano usaqhubeka e-Ivory Coast.

I-Egypt idlulele emzuliswaneni olandelayo sekuvalwe amehlo ngoMsombuluko.