EzakamuvaIbhola

Kwesekwa uVinicius Junior ngomdlalo weSpain neBrazil 

Sihle Ngubo

Isehlakalo esithikameze uVinicius Junior muva nje sesenze kwahlelwa umdlalo omkhulu ozoba phakathi kweSpain neBrazil ngenhloso yokugqugquzela ukuqedwa kokucwasa ngokwebala kunobhutshuzwayo emhlabeni.

Lokhu kuzobe kuyimizamo yokweseka uVinicius Junior weReal Madrid, osebe yisisulu salokhu izikhawu eziningana. 

Muva nje kuze kwangenelela umengameli wenhlangano ephethe ibhola emhlabeni, uGianni Infantino, ophumele obala weseka umdlali uVinicius Junior ngemuva kokuthi ethe iLa Liga neSpain “bacwasa ngokwebala”. 

Lokhu bekulandela ukuthola ukucwaswa ngabalandeli bebhekene neValencia eMastalla Stadium.

UVinicius Junior wakhomba izihlwele ezazimethuka nokwaphoqa ukuthi kumiswe umdlalo imizuzu eyishumi. 

Wabe esegxavulana nabadlali beValencia nokwenza ukuthi akhishwe ngesiwombe sesibili. 

Lo mdlali waseBrazil wabe esengena kwiTwitter wabhala wathi, “ukucwasa ngebala yinto ejwayelekile kwiLa Liga” wase echaza iSpain “njengezwe elicwasa ngebala.”

“Ngiyameseka ngokuphelele uVincius. Ayikho indawo yokucwasana ngebala ebholeni noma emphakathini. IFifa yeseka bonke abadlali asebeke bazithola bekulesi simo,” kusho u-Infantino esitatimendeni.

U-Infantino wathi imizamo yokulwisana nokucwasa kumele yesekwe nakwezemfundo. Kwakungekona okokuqala lo mdlali ecwaswa kwiLa Liga njengoba kukhona necala elisenkantolo ngawo wona lo mkhuba.

ISpain neBrazil bazodlala lo mdlalo ngonyaka ozayo ngosuku olusazomenyezelwa. 

FUNDA NALA: Akumethusi oweYanga ukuthi iChiefs ihalela uNasreddine Nabi

Kubhekeke ukuthi ngalo mdlalo kuthumeleke umyalezo oqinile wokuthi ukucwasa ngokwebala akunandawo kunobhutshuzwayo.