Isiphinde yashiphelana kuHugo Broos noRulani Mokwena
Umqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos nozakwabo weMamelodi Sundowns sebephinde bashiphelana kubangwa abadlali.
U-Hugo Broos ushaye amakhala ngesiphakamiso sikaRulani Mokwena sokuthi abadlali ababili beSundowns, oRonwen Williams noTeboho Mokoena “balimele”.
IBafana inemidlalo emibili yokuzizwa amandla ehlelwe yiFifa la izobhekana khona ne-Andorra ne-Algeria.
Ekhuluma nabezindaba ngeSonto, uRulani Mokwena ukhale ngokungabi khona kwabadlali bakhe abamqoka.
Uveze ukuthi ukuthi laba bobabili akabadlalisanga ngenxa yokulimala ehlombe nasedolweni.
Wagcina engaqinisekanga ukuthi bazohamba yini neBafana ukuya e-Algeria.
U-Hugo Broos ukhombise ukudinwa uma ebuzwa ngalesi simo ngesikhathi kunesithangami nabezindaba e-Annaba, e-Algeria ngoMsombuluko.
“Yebo, kulungile, kodwa uma belimele ngempela, kufanele basazise futhi bangakhulumi nabezindaba, babatshele ukuthi [abadlali] balimele,” kusho uBroos.
“Sinodokotela bethu, futhi bayayazi inombolo yocingo kadokotela, pho kungani bengasishayeli basitshele ukuthi, ‘Bheka, [abadlali] abakwazi ukuza,’.
“Bese besinikeze umbiko wodokotela babo? Abakwenzanga lokho, kusho ukuthi abalimele.”
Ubudlelwano phakathi kukaRulani Mokwena no-Hugo Broos bubonakala sengathi buyantengantenga futhi busekude ukulunga.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mqeqeshi waseBelgium usanda kuthi uMokwena unokuzenza ‘uNkulunkulu’ webhola laseNingizimu Afrika.
Uphinde waphawula ukuthi akayithandi indlela uMokwena akhuluma ngayo nabezindaba ngeBafana, engaqondi bona ngqo akhulume nabo.
“Ngiyaxolisa kakhulu. Angikwazi ukuqhubeka ngamahlebezi ngithi umqeqeshi uRulani…
“Noma mhlawumbe umqondisi wezokuqeqesha (uWalter Steenbok), ungitshele ukuthi balimele.
“Nginike umbiko kadokotela, bese udokotela wethu enquma ukuthi balimele noma cha.
“Ngiyaxolisa kakhulu, kodwa angiyithandi leyo nto yokutshela abezindaba ezinye izinto.
“Kufanele basibize basitshele ukuthi, ‘Bheka, kunenkinga ngalo mdlali, nanku umbiko kadokotela.’
FUNDA NALA: Ukube le mpumelelo yeDowns eyeChiefs/Bucs ngabe… – Mokwena
“Abakwenzanga lokho, ngakho-ke, kimina, (uWilliams noMokoena) abanalutho – yilokho nje engimi kukho.”

