Kugqame uJasond Gonzalez iChiefs ifaka isifundo kwiVenda FC
SIHLE NGUBO
UJasond Gonzalez ushaye amagoli amathathu ngesikhathi iKaizer Chiefs ibhaxabula iVenda FC ngo 5-1 emdlalweni wokungcweka ngoMgqibelo.
Lo mdlali waseColombia ufike kwiChiefs kubhekwe lukhulu kuyena kodwa usahlulekile ukushaya amagoli emidlalweni yeDStv Premiership neyemikhumulajezi esadlalilwe kule sizini.
Abanye abadlali abashaye amagoli kulo mdlalo uRanga Chivaviro noPule Mmodi.
Bobabili laba bayawashaya emidlalweni yeligi, nokuchaza uJasond Gonzalez uyena osekumele abhukule.
IChiefs inayo inkinga yokushaya amagoli kodwa inethuba lokukulungisa lokho njengoba kusadlalwa imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 e-Ivory Coast.
Amakhosi awanaye noyedwa umdlali kwiBafana Bafana ngakho lokhu kuwanika ithuba lokudlala imidlalo yokungcweka ukuze ilungise lapho kungalungile khona.
Umdlali weChiefs okwi-Afcon ngu-Edmildon Dove oyibambe kulo mqhudelwano neMozambique.
Leli qembu laseNaturena lizama ukuhlanganisa abadlali abakhona eqenjini njengoba lingayiqalanga kahle isizini.
Livele seliphuthwe yizindebe ezimbili iMTN8, ewinwe yi-Orlando Pirates, neCarling Knockout Cup, ekhale yemuka neStellenbosch FC.
Indebe esele yiNedbank Cup edlalelwa amaqembu eDStv Premiership, aweMotsepe Foundation Championship nawe-ABC Motsepe League.
IKaizer Chiefs iqhathwe neqembu leChampionship, iMilford FC yaKwaZulu-Natal emzuliswaneni wokuqala kule ndebe.
Kuzohlaluka uma kubuya imidlalo yePremiership ukuthi yikuphi lapho ilungise khona iChiefs ngesikhathi sekhefu le-Afcon.Â
FUNDA NALA: USiphesihle Maduna ubhoboka ngokumxoshise kuMaZulu
Mhlawumbe uJasond Gonzalez uzogcina engenile egiyeni lokushaya amagoli nasemidlalweni ebalulekile.

