Ezakamuva ngomqeqeshi wePirates obesesibhedlela
SIHLE NGUBO
Kulabo abebengabaza ukuthi umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uzoba khona emdlalweni wamanqamu weMTN8, kuzomele kuphele ukuthandabuza.
Lo mqeqeshi ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuthinteka engozini yemoto ekuqaleni kwesonto eledlule.
IPirates ibibuya emdlalweni weBetway Premiership, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha, ngesikhathi kwenzeka le ngozi.
U-Ouaddou, odabuka eMorocco, uthole imihuzuko nabanye bePirates abahlanu ngesikhathi kwenzeka lokhu.
IPirates izobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu weMTN8, eMbombela Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Bekukhona ukwesabela ukuthi lo mqeqeshi uzobe engakalulami ngesikhathi salo mdlalo.
Nokho ngoLwesibili kuvele izithombe zakhe esejinini neqembu, egodle ingalo eyathinteka ngesikhathi kwenzeka ingozi.
Lokhu kuchaza ukuthi lo mqeqeshi usebuyele emsebenzini futhi uzobe ekhona ebhentshini emdlalweni wamanqamu ngoMgqibelo.
IBucs iyona evikela indebe yeMTN8 eyiqukule ngesizini edlule ngemuva kokushaya iStellies ngo 3-1, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Leli qembu bese liyithatha okwesithathu kulandelana iMTN8 nokuyinto ebiqala emlandweni wePremier Soccer League.
Ngempelasonto iPirates inethuba lokuphinde iqukule le ndebe okwesine, ibhekene neqembu elishaye kowamanqamu nyakenye.
Ngakolunye uhlangothi iStellenbosch, eholwa uSteve Barker, izobe ifuna ukuziphindiselela kwiBucs kulandela ukushaywa kabuhlungu kowamanqamu nyakenye.
Kwase kubukeka sengathi umdlalo uzoya esikhathini esengeziwe ngesikhathi zibambene ngo 1-1 kodwa iPirates yashaya amagoli amabili asheshayo.
Kwaba nokukhuluma okukhulu ngendlela igoli lesibili lePirates elangena ngayo nokuyinto okufanele ukuthi abadlali beStellies abakayilibali.
Amathikithi omdlalo asedayiswe aphela, kanti osekusele ukuthi amaqembu angene enkundleni akhiphane inkani.

