U-Adams unxenxa ubumbano nokubuyiswa kukaXolani Mabhida eKZN
Alfred Ngubane
UDave Adams ongumqeqeshi weNedbank Running Club North West ubona iphutha kubasubathi baKwaZulu-Natal ngokushiya eceleni umqeqeshi ophambili esifundazweni uXolani Mabhida.
Ngaphansi kweNebank Running Club u-Adams ubophele izihlabani zabasubathi abafana noTete Dijana, Edward Mothibi, Galaletsang Mekgoe, Joseph Manyedi, Daniel Matshailwe Moselakwe no-Onalenna Khonkhobe.
Onqobe iComrades Marathon ngempelasonto uphume kuye le nhlangano yakhe njengoba kube nguDijana oyiphinde okwesibili kulandelana.
“UXolani Mabhida ngumqeqeshi onekhono eliyisimanga lokuqeqesha nokuvundulula amakhono,” kusho lo mqeqeshi.
“Ubuholi baKwaZulu-Natal kwezokusubatha bulele ubuthongo ngoMabhida. Ubengasilalisi ubuthongo sinoNick Bester lo mfana.
“Kukhona lapho esamzama ngabasubathi bethu abafana noLudwick Mamabolo, Claude Moshiywa kodwa ubephunyula kunjalo ngoBongumusa Mthembu.
“Basihlula bendawonye ngoba ubenza umsebenzi omuhle,” kuchaza u-Adams. Uthe abaqeqeshi abafana noMabhida bayadingeka.
“Siyamdinga kakhulu esizweni ngoba unekhono elihle. Ngibona abafana abagijima yo okuthiwa baphuma esandleni sakhe…
“Njengalona obezihola phambili kwiComrades Marathon u-Ayanda Ngcobo noNdumiso Sokhela,” kusho lo mqeqeshi.
U-Adams unxenxe abezokusubatha eKZN ukuthi babeke eceleni ukungezwani nepolitiki bese begxila ekukhuliseni ezokusubatha.
“Kuzomele amakilabhu alesi sifundazwe ahlale phansi ewodwa acubungule kahle, athole ikhambi lokulungisa isimo sezokusubatha ngokushesha.
“Kuzomele baphinde bakhiphe ukungaboni ngasolinye nepolitiki phakathi kwabo, babeke phambili abasubathi.
FUNDA NALA: Ngabe u-Edson Castillo ngomunye uPaez, Akumu noma uDax?
“Thina eNorth West sisebenza sonke noJohn Hamlet wePan Africa Resources Club, Impala Marathon Club, Intsika Athletics Club – sonke sindawonye,” kuphetha u-Adams.