Buchanan: Sicikwe elokuthi iPirates izozicija ngathi
Umdlali wasesiswini weCape Town Spurs, uKeagan Buchanan uthi iqembu lakhe ligqugquzelwe abathe i-Orlando Pirates ‘izozifudumeza’ ngabo ngoLwesithathu.
Uthe kunephephandaba elibhale ukuthi iPirates izozidlela amahlanga kubo njengoba izobe ilungiselela umdlalo wayo weCarling Knockout Cup ezobhekana kuwo neRichards Bay.
ISpurs imangaze iBhakabhaka eCape Town Stadium, inqoba ngo 2-1 ukuqoqa amaphuzu okokuqala kule sizini.
Bekungokokuqala emidlalweni eyisishiyagalombili kusukela ifikile kwiDStv Premiership inqoba.
“Kube wukuzikhandla,” kusho uBuchanan, etshela iSuperSport TV ngemuva kokuthatha indondo yoMdlali oVelele.
“Okokuqala bekumele sibahloniphe (iPirates), bayiqembu elisezingeni kodwa nathi bekumele sibakhombise ukuthi asithukile.
“Olunye udaba lwephephandaba luthe lona bekuwumdlalo nje wokuzifudumeza kwiPirates, umqeqeshi walubeka endlini yokushintshela wasibuza ukuthi, ‘yilokhu enikufunayo?
“Besidinga ukukhombisa ukuthi siyingxenye yeligi, akumnandi ukuhlulwa imidlalo eyisishiyagalombili.
“Besidinga ukukhombisa ukuthi ngeke sigcine ngokuvimba bona ukuthi bangasilimazi, kodwa siveze ukuthi nathi siyalidlala ibhola.”
I-Spurs ihambe phambili ngamagoli amabili esiwombeni sokuqala kodwa kwayiwa ekhefini sekungu 2-1.
Ikwazile ukubambelela kwaze kwaphela umdlalo kungekho goli yize beyisicindezeleke kakhulu esiwombeni sesibili.
UKeagan Buchanan ukholwa wukuthi lo mphumela wePirates yiyonanto abebeyidinga ukujika izinto, babuyise ukuzethemba eqenjini.
“Wumphumela omkhulu lona kithi,” kwengeza lo mdlali owake wagijima kwiKaizer Chiefs neBlomefontein Celtic.
“Isinyathelo esikhulu esiya phambili… Ngibonga kozakwethu nabaphathi ngokungalilahli ithemba.
“Lona umvuzo wawo wonke umsebenzi onzima esiwufaka ejimini nsukuzonke uma sizicija.
“Kade sikhumbuza abafana abancane (esikwatini) ukuthi singayijika lento.
FUNDA NALA: Sekusele kancane iqophe umlando iSundowns esunduze i-Al Ahly
“Leli (iPirates) yiqembu elisezingeni, eliqeqeshwe kahle, akukho okudlula ukuqala isizini ngokunqoba iqembu elikhulu njengePirates.”