Unozinti weChiefs uphawula ngabadlali abasha nenselelo yesizini entsha
SIHLE NGUBO
Unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Petersen, ufuna baqhubeke lapho begcine khona, bequkula indebe yeNedbank Cup, njengoba kuzoqala isizini entsha yeBetway Premiership.
Amakhosi aseNetherlands lapho elungiselela khona isizini entsha, kanti azodlala imidlalo yobungani.
IChiefs iyiphethe kahle isizini edlule ikhala yemuka neNedbank Cup, kulandela ukushaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMeyi.
Nokho sekuyisizini entsha le ngakho leli qembu kumele lishintshe ukwenza, ikakhulukazi njengoba lingenzanga kahle emidlalweni yeligi.
Ingcindezi izothi ukukhula kwiChiefs njengoba izophinde idlale kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
“Sinesizini enkulu ezayo njengoba sizophinde sidlale nakwiCAF,” kusho uPetersen.
“Kubalulekile lokhu esizokwenza lapha, ikakhulukazi njengoba kukhona nabadlali abasha.
“Kumele kube nokubambisana, uma abantu bezosibuka basibone siyibutho elilodwa elibumbene.”
Lo nozinti uyazi ukuthi abalandeli beChiefs balindele lukhulu kubona, kulandela ukuqukula indebe okokuqala ngemuva kweminyaka eyishumi.
“Nakanjani ukuwina indebe kusigqugquzele kakhulu singabadlali,” kusho uPetersen obesezintini beshaya iBucs
“Yinto ebesiyidinga kakhulu. Asibanga nesizini enhle edlule kodwa lokho (ukuwina indebe) kube yinto emqoka kithina.
“Lokhu kungaba yinto esizokwakhela kuyona njengoba kuza isizini entsha maduze.
“Uyakubona ukulangazelela ebusweni babadlali ngemuva kokuphakamisa le ndebe. Bafuna okungaphezulu, balangazelele enye impumelelo.”
IChiefs isayinise abadlali abadlali abasha yaphinde yenyusa abanye abebedlala kwiDStv Diski Challenge (DCC).
UPetersen ukholwa ukuthi bazosebenza kahle nalaba badlali, futhi bazolisiza kakhulu iqembu.
“Abafana abasebancane siyabazi iningi labo sibabonile bedlala.
“Nabanye abadlali abasha, ngicabanga ukuthi kusayiniswe kahle. Sizodlala imidlalo yobungani lapho bezothi ukubonakala khona kahle.
“Nokho ngicabanga ukuthi abalandeli bethu bazobabona kahle kwiToyota Cup.
“Ngicabanga ukuthi abalandeli bethu bakulangazelele ukubabona, kanti nabo sebejahile ukubakhombisa ukuthi baphetheni.”
IChiefs izobhekana ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.
Kulo mdlalo kuzobe kubhekwe abadlali abasha abafana no-Ethan “Cheese” Chislett, uFlavio Silva, uNkanyiso Shinga, uThabiso Monyane, uSiphesihle Ndlovu noPaseka Mako.
NgoLwesibili iChiefs izodlala neVittesse emdlalweni wobungani wokuqala eSportpark Driel, ngo-7 ebusuku.

