Kukhona ozolala ekhala kwiMaritzburg neCape Town Spurs
Sihle Ngubo
Oyedwa phakathi kukaFadlu Davids, ocija iMaritzburg United, noShaun Bartlett, oqeqesha iCape Town Spurs, uzolala inhliziyo ithe tsha, yesese yinjabulo.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni wokugcina wemidlalo yokuhlunga yePremier Soccer League (PSL) eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngoLwesithathu ngo-7 ebusuku.
Ziya kulo mdlalo nje iCape Town Spurs iqhwakele kwilogi yamaqembu amathathu ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Ishaye iCasric Stars kabili ngo 1-0, yase ishaya iTeam of Choice ngo 1-0.
Ngasohlangothini lweTeam of Choice isawine kabili lapho ishaye khona iCasric Stars ngo 2-0 kabili yase ishaywa yiSpurs ngo 1-0.
Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu laseMphithi linamaphuzu ayisithupha ngakho kumele liwine nakanjani kulo mdlalo ukuze lizame ukugwema ukuyodlala kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo.
Okunye okumele bakugweme ukungangenelwa amagoli ngoba iCape Town Spurs ayikadedeli nelilodwa kule midlalo.
UBartlett nezakhe badinga ukudlala ngokulingana kuphela kulo mdlalo bese bezibekisela indawo kwiDStv Premiership ngesizini ezayo. Lo mqeqeshi uyakwazi ukuvala emuva nezakhe njengoba enzile emdlalweni wokugcina neCasric, yize kwase kuvalwe amehlo ngasekugcineni.
IMaritzburg yesekwa kakhulu uma idlalela ekhaya ngakho akungabazeki ukuthi ingcindezi izobe ithe bhe kwiSpurs ngoLwesithathu.
Uma iTeam of Choice ishaya igoli bese ivala emuva kuzosho ukuthi sekuhwalele kwezikaBartlett ezilwe kahle isizini yonke kwiMotsepe Foundation Championship zaphuma isibili.
Nokho uBartlett uzoqina idolo uma ezwa ukuthi iTeam of Choice iwine kane kuphela ekhaya ngesizini yePremiership esanda kusongwa.
UBartlett useke wakhononda ngokudlaliswa injeje onompempe waze wathi “konke sengikubeke kuMdali.”
Usho lokhu ngesikhathi kukhishwa umgadli wakhe ohamba phambili ngekhadi elibomvu engenzanga lutho bebhekene neCasric.
UDavids yena ubelokhu ebambelele ekutheni “sizolwa kuze kube sekugcineni” nangemuva kokubuya beshayiwe eKapa emdlalweni wabo wesibili.
Nakanjani uzothembela kumdlali wabo ka-12 (abalandeli) ukuthi abatakule bagweme ukuyositha kwiMotsepe Foundation Championship.
FUNDA NALA:Â Ngabe u-Edson Castillo ngomunye uPaez, Akumu noma uDax?
Okuhlalukayo nokho ukuthi oyedwa kulaba baqeqeshi uzojabula aze akhale izinyembezi zokwesasa, bese omunye akhale izinyembezi zosizi lokuyodlala esigabeni esiphansi lapho kungabuyeki khona kalula. Kukhona ozolahla.