EzakamuvaIbhola

Ukhonjwa kwelaseKZN uVilakazi oshiye iChippa inkemile

Kungenzeka abuyele KwaZulu-Natal umqeqeshi oseshiye amaqembu amabili eDStv Premiership engazelele kule sizini, uVusumuzi Vilakazi. 

Lo mqeqeshi uqale isizini ekwiGolden Arrows, kodwa washiya isigubhukane yize izinto bezihamba kahle. 

Ube esevumbuka kwiChippa United la abeyinhloko yezokuqeqesha, kodwa nakhona ushiye kungazelele muntu kuleli viki. 

Leli qembu lase-Eastern Cape likhale lazithulisa njengoba lithi belisenezinhlelo ezinkulu elinazo ngalo mqeqeshi. 

Kube sekuvela amahlebezi okuthi angase avumbuke kwiSekhukhune United esanda kuxosha uBrandon Truter. 

Kusabambe uMcDonald Makhubedu kuleli qembu laseLimpopo. Nokho Impempe seyihoshe umoyana wokuthi lo mqeqeshi ubuyela KwaZulu-Natal. 

Kuvela ukuthi uzovumbuka kwiMilford FC edlala kwiMotsepe Foundation Championship la idonsa khona kanzima. 

Imizamo yokuthola abaphathi beqembu ukuqinisekisa lezi zindaba ibingakaphumeleli kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. 

UVilakazi ngomunye wabaqeqeshi abasebancane bakuleli ababonakala benekusasa elihle impela. 

Ngaphambi kokungena ekuqeqesheni, wayengumgadli kwiGolden Arrows kanti waqala ezinkulisa zayo ukuqeqesha. 

FUNDA NALA: URiveiro ubongele uMakgopa obe yiqhawe leBucs ishaya iChiefs

Waba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba iDStv Diski Challenge, isabizwa ngeMDC kanti ukhiqize inqwaba yabadlali kwi-Arrows.