Uxolise kubalandeli uFadlu Davids iMaritzburg imuka nezembe
Sihle Ngubo
Ligcine liyidlile izembe iMaritzburg United ngemuva kokuhluleka emidlalweni yokuhlunga iqembu elizothatha indawo yokugcina kwiDStv Premierhsip ngesizini ezayo.
Kugcine kuba yiCape Town Spurs ethatha le ndawo, idudulela iMaritzburg kwiMotsepe Foundation Championship.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokubambana neSpurs emdlalweni wokugcina wokuhlunga eHarry Gwala Stadium ebigcwele phama.
Umqeqeshi weMaritzburg, uFadlu Davids ube esexolisa kubalandeli babeli qembu ngokuthi babaphoxile ngalokhu okwenzekile.
“Asikwazanga nhlobo ukudlala namuhla. Abalandeli baphume ngobuningi kodwa sabaphoxa,” kusho uDavids.
Uthe iSpurs sikulwelile ukungena kwiPremiership njengoba ingabanikezanga ithuba lokwenza abebekufisa.
“Balwile futhi bebewawina wonke amabhola. Basebenzile namuhla hhayi thina, sihlulekile.
“Asikwazanga ukufaka amabhola ezindaweni ezifanele futhi asiwakhanga amathuba afanele.
“Kuyaphoxa. Sihlale emsileni kusuka emidlalweni yokuqala kwaze kwaba sekugcineni. Abalandeli bazamile ukusisiza.
“Siyaxolisa kubalandeli, sibaphoxe kakhulu ngokuba semsileni isizini yonke,” usho kanje uDavids ngemuva komdlalo.
Ukubuyela emdlalweni, kufezeke iphupho labaphathi beSpurs nomqeqeshi uShaun Bartlett ngesikhathi iqembu laseKapa linyukela kwiDStv Premiership.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iSpurs ibambe iMaritzburg ngo 0-0 emdlalweni wokugcina wokuhlunga eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kusho ukudliwa yizembe kwiTeam of Choice ehluleke yancama ukuthola igoli ebelingayigcina kwiPremiership kulo mdlalo.
UBartlett uke walikhuphulela kwiDStv Premiership iqembu ngesikhathi ewina isicoco seligi yeNational First Division neLamontville Golden Arrows ngesizini ka-2014/2015.
IMaritzburg bese ihlale iminyaka engu-15 kwiligi ephezulu njengoba yehlelwe yinhlekelele yokudliwa yizembe ngoLwesithathu ebusuku.
FUNDA NALA: Uqede ukuqagela obekhonjwa kwiChiefs ethulwa yiSekhukhune
Ayihambanga kahle neze isizini yayo edlule lapho iqede khona endaweni ka-15 kwilogi yePremiership.
Ikwaze ukuwina imidlalo emine kuphela ekhaya nokuyinto eyenze yadlala imidlalo yokuhlunga.