EzakamuvaIbhola

Okusha ngo-Arthur Zwane, kuthiwa izembe selikhalile

Njabulo Shezi

Kuvela ukuthi izembe selikhalile ku-Arthur Zwane obengumqeqeshi weKaizer Chiefs. Kodwa ngabe yiqiniso kangakanani lokhu, Impempe izame imithombo yayo ehlukene ukuthola kahle.  

Uvele uZwane ubesengcupheni yokuchithwa kuleli qembu laseNturena okuvele ukuthi seliqalile ukuxoxa nabanye abaqeqeshi. 

Impempe ithole ukuthi into eyenze angaxoshwa ekupheleni kwesizini wukuthi wavuma ukuthi engalethwa omunye umqeqeshi ozomsiza. 

Kodwa manje sekuvela ukuthi iChiefs seyinqume ukumkhulula u-Arthur Zwane futhi umthombo wethu uthi usazisiwe ngalesi sinqumo. 

“Usehembe. Utsheliwe ngoLwesithathu kusihlwa ukuthi izindlela ziyahlukana,” kusho lo mthombo.

Sibe sesixhuma neminye imithombo yethu esondelene naleli qembu kodwa awukho okwazile ukuqinisekisa. 

Omunye uthe khona izinkomba zikhomba ekutheni uzogcina echithiwe ngoba bonke abaqeqeshi okukhulunywa nabo abazimisele ukumgcina. 

“Hhayi okwamanje. Kodwa khona kubheke lapho. Inkinga wukuthi abaqeqeshi okuxoxwa nabo bathi bafuna ukufika nabantu babo,” kusho lo mthombo. 

Uqhube wathi akulula u-Arthur Zwane akhonjwe indlela ngoba iningi kubaphathi alifuni naye, bambalwa abathi akadedelwe. 

Kodwa omunye umthombo uthe akuwuthusi ukuzwa ukuthi usetsheliwe ngokuphela komsebenzi. 

“Izinkomba zisho njalo vele futhi vele bese kusweleke ozomtshela nje ukuthi akaqoqe okwakhe ahambe. 

“Mina ngigcine kukhulunywa ukuthi uzofakwaphi. Kodwa nalapho bekucaca ukuthi kumele ahambe,” kusho lo mthombo. 

Kuke kwavela ke evikini ukuthi umqeqeshi okunguyena iChiefs ezibheke kuye, uNasreddine Nabi ucele ukufika nabantu bakhe. 

FUNDA NALA: Uxolise kubalandeli uFadlu Davids iMaritzburg imuka nezembe

Kuthiwa yilokho obese kusele kuvunyelwane ngakho nalo mqeqeshi obekwiYoung Africans eTanzania. 

Impempe izolulandela lolu daba futhi uma kukhona okusha esikutholayo sizokubika ngokushesha. Kodwa okwamanje kubukeka ngathi kubhedile ku-Athur Zwane.