EzakamuvaIBetway Premiership

I-Downs nePirates bazozama ukuthola amaphuzu kwawaseKZN

SIHLE NGUBO

Amaqembu aKwaZulu-Natal azoba nesandla ekutheni amaqembu abanga isicoco seligi athola miphi imiphumela ngoLwesibili ebusuku, njengoba sezihubela sakusha kwiBetway Premiership.

IDurban City, edlala kahle kulezi zinsuku izokwamukela ompetha beligi iMamelodi Sundowns, emdlalweni weBetway Premiership, eChatsworth Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Kuzothi kudlala lowo mdlalo kube kuqhubeka omunye e-Orlando Amstel Arena, lapho i-Orlando Pirates izobhekana neLamontville Golden Arrows ngesikhathi esifanayo.

Abafana Ba’Style neBucs sekumele bagweme ukuqhuzuka manje njengoba sekusele imidlalo eyisishiyagalombili ukuthi kusongwe isizini ka-2025/2026.

IDowns inamaphuzu angu-53 kanti iPirates inangu-51 ngemuva kwemidlalo engu-22.

UZuko Mdunyelwa weSundowns uthi kumele bayiqaphele iCity ngoba yenza kahle kulezi zinsuku.

“Ekhempini yeDurban City kuheleza umoya omuhle kakhulu njengoba bezibekisele indawo kowamanqamu weNedbank Cup,” kusho uMdunyelwa oke wadlalela iChippa United.

“Bayazazi ukuthi yini abakwazi ukuyenza. Kithina kubalulekile ukuqonda ukuthi umdlalo wasekuhambeni kodwa siyawadinga amaphuzu amathathu.

“Sinawo umgqigqo ofanele, kumele siqhubeke nokwenza lokhu esikwenzayo.”

I-City izobhekana neTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup ka-2026.

Ngemuva kwalo mdlalo iSundowns izolibangisa eTunisia ukuyobhekana ne-Esperance, emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu weCAF Champions League, ngeSonto ngo-9 ebusuku.

Ngasohlangothini lwePirates seyinake imidlalo yeBetway Premiership kuphela kule sizini.

Emdlalweni olandelayo izobhekana nelinye iqembu laKwaZulu-Natal njengoba izovakashela iRichrds Bay FC, eMhlathuze Sports Complex, ngoLwesihlanu.

Nokho okwamanje iSundowns nePirates kumele bazame ukuthola amaphuzu kwiCity ne-Arrows ngokwehlukana, ngoLwesibili ebusuku.