EzakamuvaIbhola

Uqede ukuqagela obekhonjwa kwiChiefs ethulwa yiSekhukhune

Sbongs Gumbi

Wethulwe yiSekhukhune United njengomdlali wayo uJamie Webber obekwiSuperSport United nongomunye wabadlali abebekhonjwa kwiKaizer Chiefs. 

UWebber ngumdlali wokuqala wabaningi okulindeleke ukuthi basayinwe yiSekhukhune njengoba ilungiselela isizini ezoba matasa. 

Leli qembu laseLimpopo lizodlala kwiDStv Premiership, Carling Black Label Challenge, Nedbank Cup neCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. 

Lo mdlali wokuqala owethulwe yiSekhukhune bekuke kwanemibiko ethi ufunwa uthuli yiChiefs njengoba nayo izama ukuqinisa iqembu. 

UWebber, oneminyaka engu-25 udlala esiswini maphakathi nenkundla kanti ungomunye wokubhekwe lukhulu kubo. 

Uthe wesese ngokuphelela kwiSekhukhune athi yiqembu azibona ekhula kakhulu kulo. “Umcabango wokujoyina iSekhukhune uyangivuselela. Ngijabule kakhulu kodwa ngiyazi kuzodingeka ngisebenze kanzima. 

“Bengikuthokozela ukulibuka uma lidlala leli qembu ngesizini edlule futhi ngicabanga ukuthi ngiye eqenjini elifanele. 

“Isiko laleli qembu ngicabanga ukuthi liyilento ebengishoda ngayo kule minyaka embalwa edlule,” usho kanje lo mdlali ngemuva kokwethulwa ngoLwesithathu. 

Usayine iminyaka emibili nombandela wokwelula ngomunye owodwa. “Ngijabule futhi ngikulungele lokhu. 

“Okungalindelwa kimi wukuzinikela. Ngizohlonipha abaqeqeshi, abasebenzi bonke beqembu nozakwethu.  

“Ngingumuntu ozinikelayo nosebenza kanzima. Ngizokwenza okusemandleni ukusiza iqembu lifeze izinhloso elibekelwe zona.” 

UWebber, ophuma enkulisa yeStellenbosch FC ekhiqiza ukhilimu wabadlali muva nje, ukhiphe nomlayezo obheke kubalandeli beBabina Noko.  

“Ngithobekile ngokuba lapha. Nina ningumthombo osipha amandla. Nisisiza senze kangcono enkundleni. 

FUNDA NALA: Kukhona ozolala ekhala kwiMaritzburg neCape Town Spurs

“Engikucela kini wukuthi niqhubeke nokuseseka, futhi nathi sizoqinisekisa ukuthi niyakuthokozela ukusibuka. 

“Asizugcina ngokunenza nijabulele ukusibuka kodwa sizonenza nijabulele nokunqoba,” kuchaza lo mdlali ngemuva kokwethulwa yiSekhukhune. 

“I look forward to sharing this new chapter of my life with you all, and making it a huge success.”