Owayedlala kuMaZulu uMyron Shongwe uveza isifiso ngoMngqithi
Sbongs Gumbi
UMyron Shongwe ukholwa wukuthi kunekhono elihle lokuqeqesha elimoshakala mahhala nje njengoba uManqoba Mngqithi esebekwe eceleni kwiMamelodi Sundowns.
Lo mgadli owayedlala kuMaZulu umncome kakhulu uMngqithi, ethi lo mqeqeshi engaphumelela noma engayoqeqesha kuphi.
UMngqithi wehlisiwe esikhundleni sokuqeqesha kwiSundowns maphakathi nesizini edlule, wenziwa iphini.
Kukhushulwe uRulani Mokwena waba ngumqeqeshi omkhulu kuleli qembu laseChloorkop. Bebeqeqesha ngokubambisana ngaphambi kwalokhu.
Ekhuluma nabesiteshi seYouTube i-Off the Pitch withTK, uMyron Shongwe uthe uMngqithi kumele aphume kwiSundowns azimele ngokwakhe.
“Ngizoyisho lento, uMngqithi ngumqeqeshi osezingeni eliphezulu futhi uyayazi into yakhe ebholeni.
“Ngicabanga ukuthi ‘uThisha’ uSimon Ngomane wamfundisa kahle,” kusho le nsizwa eyake yadlala nakwiBlack Aces.
“Ungumqeqeshi okhaliphe kakhulu. Namanje mina ngifisa ngathi engashiya (kwiSundowns) azitholele iqembu lakhe aziqeqeshele yedwa.
“Engaqeqesha noma kuliphi iqembu. Ngisho elesizwe. Iyawazi umsebenzi leya ndoda. UManqoba uyawazi umsebenzi wakhe, ungakungabazi lokho.”
Cishe akuyena yedwa uMyron Shongwe ofisa uMngqithi aphujme ngaphansi kwesithunzi sikaMokwena.
Kumanje kunamahlebezi okuthi abasebenzisani kahle futhi uMokwena ufuna uMngqithi noSteve Komphela bahambe bese eziqokela yena itghimba lakhe.
Kuthiwa ufuna uWendell Robinson ocija onozinti abe yiphini lakhe, bese kuthi uKennedy Mweene ayeke ukudlala abe ngumqeqeshi wonozinti.
FUNDA NALA: Uhluleke ukuzibamba izinyembezi uDoctor Khumalo evalelisa kuBarker
UMngqithi ubebhekwe ukuthi aye kuMaZulu kanti nabalandeli beKaizer Chiefs bebemhalela. Nokho kuvele ukuthi usazohlala kwiSundowns.
Lokhu kungenxa yokuthi unenkontileka esasalelwe wunyaka futhi ofisa ukumthatha kuzomele akhokhele iSundowns.